
Ezishaqisayo ngekusasa likaBenni McCarthy kwezokuqeqesha
Ngu-Alfred Ngubane
UBenni McCarthy, ongumqeqeshi weqembu lesizwe laseKenya, iHarambe Stars, useveze isinyathelo esishaqisayi ngekusasa lakhe.
Uma kushiya uHugo Broos kwiBafana Bafana, uBenni McCarthy ungomunye wabaqeqeshi okubhekwe ukuthi bengaqhubeka nalo msebenzi.
Ngokokuqala lo mqeqeshi waseNingizimu Afrika esebenza eqenjini lesizwe, kodwa kubukeka sengathi kuzoba ngokokugcina.
UMaCarthy useveze ukuthi yena akumphathi kahle ukuqeqesha iqembu esizwe ngoba uhlangana nabadlali ngemuva kwesikhathi eside – okuyinto angayizwa kahle.
WINA | Ithuba lokuwina neVicks neLisenethini
“Mina ngithanda ukuqeqesha iqembu elidlala njalo ukuze ngikwazi ukubona ukuthi umsebenzi wami uhamba kanjani – uyaya phambili noma umile,” kusho uMcCarthy.
Uthi ngenxa yalokhu, ngeke ahlale isikhathi eside kwiHarambe Stars, futhi uzolibangisa emazweni afana nePortugal neSpain ayocinga khona umsebenzi.
Ngaphambi kweHarambe Stars, uBenni McCarthy uke waqeqesha kwiCape Town City, AmaZulu FC neManchester United (engumqeqeshi wabagadli).
FUNDA NALA | Zivikene iziqhwaga kuqhathwa eyeCarling Knockout
Esadlala ibhola, wazakhela igama emaqenjini okukhona kuwo iSeven Stars, Ajax Amsterdam, Celta Vigo, C Porto, Blackburn Rovers, Westham ne-Orlando Pirates.
Njengoba eseveze ukuthi usefuna umsebenzi azowusebenza nsukuzonke nje, lokhu kwenzeke ngesikhathi iKaizer Chiefs inesikhala njengoba kushiya uNasreddine Nabi kuyo.
