EzintshaWorld Cup

OwaseNigeria uvuma ukuthi ‘babhenefithile’ 

ISuper Eagles ibambe iBafana ngo 1-1 eFree State Stadium ngoLwesibili ebusuku, okuwumphumela oncishe iNingizimu Afrika amaphuzu amathathu abalulekile. 

IBafana ilishaye kuqala igoli ngesikhathi uMohau Nkota egoba ibhola eliyingozi, elihlangane noWilliam Troost-Ekong walinamathisela enethini yangakubo. 

Kodwa ngaphambi kokuthi kuyiwe ekhefini, uCalvin Bassey ubhudubeze ibhola ngesandla, walinamathisela enethini. 

Unompempe waseGabon uPierre Ghislain Atcho akazange abone phutha, futhi njengoba ibingekho iVAR, ibhola lakhonjwa emlotheni.

Abalandeli bakubize ngokubanjw angophondo kweBafana. Umqeqeshi weBafana, uHugo Broos yena uthe babanjwe inkunzi kubuka umhlaba wonke.

Futhi manje owayengunozinti weNigeria uDaniel Akpeyi naye uyavuma ukuthi leli goli bekungafanele livunywe. 

“Yebo, iNigeria ihlomulile,” kuvuma u-Akpeyi engxoxweni abe nayo nabeFARPost. “Unompempe akabonanga kahle.

“Ubebuqamama kakhulu ukuthi ubengakubona kahle okwenzekile, futhi nomsizi wakhe akakwazanga ukubona ngenxa yendawo abekuyo. Ngaphandle kweVAR, akukho abebengakwenza.”

Lo mphumela ugcina amathemba eNigeria okungena eNdebeni yoMhlaba yangonyaka ozayo e-US, Mexico naseCanada ephila.

Kodwa yiBafana esondele kakhulu ekungeneni njengoba idinga iphuzu elilodwa nje kuphela kwayisithupha emidlalweni emibili esele. 

Ukudlala nokulingana kowodwa kuzoqinisekisa indawo yayo kulo mqhudelwano obhekwe ngabomvu futhi ongomkhulukazi ebholeni lezinyawo emhlabeni. 

IBafana izodlala neZimbabwe neRwanda emidlalweni yayo emibili yokugcina – yomibili ingase idlalelwe eNingizimu Afrika.

IZimbabwe ayinayo inkundla egunyazwe yiFifa futhi isebenzise i-Orlando Stadium emdlalweni wayo neRwanda ngoLwesibili. 

Kungenzeka ukuthi isingathe iBafana eNingizimu Afrika ngo-Okthoba. Umdlalo neRwanda wumdlalo weBafana wasekhaya.