
Ezintsha ngofunwa yi-Orlando Pirates eZimbabwe
Kubukeka kuzoyilungela i-Orlando Pirates ngomdlali waseZimbabwe osekunesikhathi imlandelela.
Lokhu kulandela ukuthi isikhulu seHighlanders, uDenzel Mnkandla, sesiphawulile ngamahlebezi ngomunye wabadlali babo abasebancane, uPrince Ndlovu.
Lamahlebezi – asenesikhathi ekhona – athi lo mdlali uzoya kwiziqhwaga zaseNingizimu Afrika i-Orlando Pirates.
Lezi Iziqhwaga zaseSoweto kuthiwa zizimisele kakhulu ngoNdlovu futhi zimagange ukuba azogijima e-Orlando Stadium.
Nokho umphathi weHighlanders uMnkandla uveze ukuthi abakasitholi isicelo esisemthethweni esivela kwiPirates, ngokubika kweHerald Online.
“Uma iqiniso likhulunywa, asikatholi lutho olusemthethweni oluvela kwi-Orlando Pirates olukhombisa intshisekelo yabo yakamuva kuPrince Ndlovu,” kusho uMnkandla.
“Uma intshisekelo yenziwa ngokusemthethweni, izifiso zomdlali kufanele zihlonishwe.
“Kuze kube yilapho sithola leyo nto esemthethweni noma ebhaliwe, sizoyithatha njengokuqagela.”
FUNDA NALA | OweNigeria upholisa eyempi ka-Osimhen noLookman
Bekuke kwavela nangaphambi kokuqala kwesizini ukuthi iPirates iyamfisa lo mdlali obatshazwayo.
Ngaphezu kwalokho, ike yamcela ukuba azojima nayo ngaphambi kokuqala kwesizini ukuze umbone kahle eseduze.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
