EzintshaOrlando Pirates

Ezingezinhle kwiPirates kulimala umdlali obalulekile

I-Orlando Pirates isithole izindaba ezingezinhle ngokulimala komunye wabadlali abamqoka nokulindeleke ukuthi ahlale okungenani amaviki eyisithupha engadlali.

Lo mdlali oneminyaka engu-24 ubudala, okwazi ukudlala emuva nasophondweni, ulimale edolweni kwadingeka ukuthi ahlinzwe.

UKamogelo Sebelebele ukhishwe ngohlaka ngaphambi kokuphela kwesiwombe sokuqala emdlalweni wamanqamu weMTN8, lapho iPirates ihlulwe khona yiMamelodi Sundowns.

Yize iPirates ingakasikhiphi isitatimende esisemthethweni ngalokhu kulimala, kuvela ukuthi uSebelebele usehlinziwe kanti kulindeleke ukuthi abuyele enkundleni cishe emasontweni ayisithupha.

Lesi yisikhathi esingesihle neze kwi-Orlando Pirates, ebhekene nesiminyaminya semidlalo yeBetway Premiership, iCaf Champions League neCarling Knockout Cup.

USebelebele ubengomunye wabadlali ababalulekile ngenxa yokukwazi ukudlala ezindaweni ezahlukene, okuzokwenza ukuthi ukungabibikho kwakhe kube nomthelela eqenjini.

Nokho, uBulelani Sigomoshe useqalile ukuvala lesi sikhala. Lo mdlali osuka kwiMilford FC wenze kahle emidlalweni emibili asayidlalile.

Manje i-Orlando Pirates izobe inethemba lokuthi ukululama kukaSebelebele kuzohamba kahle, njengoba izama ukuqhubeka nokuncintisana kuyo yomithathu imiqhudelwano ebhekene nayo.