
UMayo akakhathazekile ngenkontileka kwiKaizer Chiefs
UKhanyisa Mayo akakhathazekile kakhulu ngekusasa lakhe kwiKaizer Chiefs njengoba isizini isiphela nje.
Njengamanje ubolekiswe isizini eyodwa yiCR Belouizdad kodwa iChiefs inegunya lokumsayina unomphela.
Kodwa ngendlela izinto ezihambe ngayo kubukeka kungelula ukuthi abaphathi baMakhosi bakhiphe izigidi ukumthenga.
Kodwa noma kunjalo, lo mdlali oneminyaka engu-27 ubudala akakhathazekile nhlobo.
Futhi uthi akanayo ingcindezi njengoba sekusele izinyanga ezintathu esivumelwaneni sokubolekiswa kwakhe.
“Angiboni lokho (ukuthi kufanele akhombise ukubaluleka kwakhe ukuze asayinwe ngokugcwele) kungifaka ingcindezi…
“Ingcindezi ibiveke ilokhu ikhona,” kusho uKhanyisa Mayo engxoxweni abe nayo neSowetan muva nje.
“Ngazalelwa emndenini onengcindezi. Ukudlalela isikhungo esikhulu njengeChiefs, kuvele kunengcindezi yakhona.
“Ngakho-ke angicabangi ukuthi yinto engingakwazi ukumelana nayo,” kwengeza uMayo.
Uyise wakhe nguPatrick Mayo owayengumdlali wasemuva kwiKaizer Chiefs phambilini.
IKaizer Chiefs isalelwe yimidlalo engu-10 kule sizini, kanti uKhanyisa Mayo ukholwa ukuthi usengalithola ithuba lokuhlaba umxhwele.
“Njengoba isikhathi sihamba futhi amathuba okudlala azofika ngendlela yami,” kwengeza yena.
“Les kuzoba yisikhathi sokwenza umnyakazo wami wokuthi, ‘Ngikufanele ukuhlala lapha’.”
Ngesikhathi uMayo ejoyina, iChiefs ibisivele inoWandile Duba noGlody Lilepo kubagadli.
Iphinde yengeza uFlavio Da Silva no-Ighodaro Etiosa ekuqaleni kwale sizini.
UMayo uyazi ngalo mbango wezindawo, futhi awumkhathazi nakancane.
“Kunabagadli abayisithupha engibanga nabo indawo futhi benza kahle ukusiza ikilabhu.
“Njalo uma nginikwa ithuba ukuze ngisize iqembu lithole imiphumela emihle, ngikwenza konke okusemandleni ami,” kwengeza uMayo.
“Ngikwazile ukuba nomthelela kweminye imidlalo engiyidlalile kodwa kweminye akwenzekanga… kodwa ke kunjalo nje ebholeni.
“Ngakho, kimina, okufanele ngikwenze wukujabulela lowo odlalayo ngaleso sikhathi.
“Futhi uma sekuyisikhathi sami sokugqama, nabo komele bangijabulele.”
