EzintshaKaizer Chiefs

Sekubhekwe isinqumo seKaizer Chiefs ngoSipho Mbule

Abalandeli babeli qembu bahlukene phakathi ngalo mdlali osanda kuchithwa yiMamelodi Sundowns.

Abanye bathi kumele anikwe ithuba eNaturena, abanye bathi uzoba yizambane elibolile, elingase libolise namanye. 

USipho Mbule ubebolekiswe kwiSekhukhune United kule sizini, kanti isheshe yambonga ngenxa yezinkinga zokuhluleka ukuziphatha. 

Kuvele ukuthi ubenza izinto eziphambene nemithetho yeqembu elawula ukuziphatha kwabadlali. 

Okwenze iqembu ligcine selibonga kusolwa ukuthi kube wukufika kwakhe ejimini eshayile, engekho esimweni sokuthi engajima. 

Uthe uma efika kwiSundowns, yamtshela ukuthi akakhululeke abheke elinye iqembu ngoba yona ngeke isayivuselela inkontileka yakhe. 

Njengamanje imenenja yakhe, uMike Makaab imfunela iqembu azodlala kulo kanti izichithile izinsolo zokungaziphathi kahle.

Ithe inkinga wukuthi umdlali uma aziwa ngokuthi wake wenza amaphutha, kube sekusulelwa kuye nje konke, asolwe nangakwenzanga. 

Kule mpelasonto aqinile amahlebezi okuthi uzophelela eNaturena, kanti uMakaab uqale wawaphika. 

Kodwa ngokubika kwe-Unplayable ngeSonto ebusuku, ukuqinisekisile ukuthi sebekhulumile neKaizer Chiefs ngokusayina uSipho Mbule.

“Wothi ngiqondise kahle le lento. IKaizer Chiefs sesiyinikezile ithuba lokusayina uSipho Mbule,” ucashunwe esho kanje uMakaab. 

“Manje sekulele kule kilabhu ukuthi ithathe isinqumo futhi kuzomele sisihloniphe leso sinqumo noma ngabe sithini.” 

Kuzothatha amehlo ke nokho ukubona ukuthi Amakhosi azothini kwazise asanda kudedela abayo abadlali ngezinsolo zokuhluleka wukuziphatha muva nje. 

UDumisani Zuma ngomunye wabahambe abalandeli besabathanda ngenxa yokuthi iqembu bese lizamile ukumsiza, kodwa lehluleka.

Ukuthi manje lizovuma yini ukuthatha amashansi ngalo mdlali osenomsanka wokuhluleka wukuziphatha, sekobonakala ngokuhamba kwesikhathi.