DStv PremiershipEzintsha

Elinye lePSL lishaya ezeGallants neBay ngomqeqeshi

  • Intatheli yeLisenethini

Ngeviki elidlule kuthuse abaningi ukushiya kukaDylan Kerr kwiMarumo Gallants kungakapheli nenyanga efikile futhi nesizini ingakaqali. 

Isikhala sakhe sivalwe ngoDan Malesela naye okuvela ukuthi akasahlalisekile futhi kungenzeka agcine eshiyile.

NgoLwesibili sekuvele ukuthi nakwiSekhukhune United akusasele sikhathi sitheni kwenzeke okufanayo. 

IKickOff ibika ukuthi leli qembu lingase lihlukane nomqeqeshi walo odabuka eGermany uPeter Hyaballa. 

Ngokwalo mbiko, iSekhukhune seyithelelene amanzi noLehlohonolo Seema futhi nguye ozobuyela kulo msebeni axoshwe kuwo ngasekupheleni kwesizini edlule.

Kuthiwa uHyaballa akazwene nabaphathi kanti nabadlali abathile abaseneme ngokusebenza naye ngenxa yendlela asebenza ngayo. 

Kuthiwa kumanje amaphathi baxoxisana naye ngokuthi ashiye kulo msebenzi engakabonakali ngisho nakanye emphakathini ekuleli qembu. 

USeema yena wayexoshwe isizini edlule seyiphela, naye kusolwa ukuthi akezwananga nabaqeqeshi.

Futhi lo mqeqeshi usanda kuvuleleka kwiLisenethini, esola abaphathi baleli qembu ngokungazigcini izethembiso zabo ngemihlomulo.

USeema kwavela ukuthi wathusana nomdlali ejimini, indaba yagcina kubaphathi la afike wahilana khona nabo, kwaphetha ngokuthi axoshwe.