EzintshaKaizer Chiefs

UNasreddine Nabi uveza imicabango yakhe ngabasha kwiChiefs

Ephawula ngohambo lwabo lwaseNetherlands, la iqembu belikhempe khona, uNasreddine Nabi uzwakalise ukweneliseka. 

Lezi ziqhwaga zaseSoweto zidlale imidlalo emihlanu phesheya, zahlulwa kwemine, zanqoba owodwa la bezibhekene khona nePEC Zwolle.

Naphezu kwemiphumela, uNasreddine Nabi uzwakalise ukwaneliseka ngenqubekelaphambili ayibione kubadlali abasha eqenjini lakhe.

Kubadlali abasha bekukhona uThabiso Monyane, uNkanyiso Shinga, u-Ethan Chislett, noFlavio Da Silva.

“Basadinga ukujwayela ngokugcwele eqenjini,” kushi uNabi ethimbeni labezindaba leChiefs.

“Nokho, bonke bakwazile ukuzijwayelanisa nezinqubo nohlaka lokudlala, futhi sebeqala ukukuqonda engikulindele kubo. 

“Inhloso yethu bekuwukusayinisa abadlali abasha abazosibeka ezingeni eliphezulu uma kuqhathaniswa nesizini edlule.”

UNasreddine Nabi uphinde wasebenzisa nabadlali abathathu abaphuma eqenjini leDDC (DStv Diski Challenge) elinqobe isicoco ngesizini edlule.

Labo ngoThulani Mabaso, uNaledi Hlongwane noKabelo Nkgwesa. UHlongwane ushaye igoli abanqobe ngalo kwiZwolle.

“Asifuni ukubajaha laba bafana abasebancane,” kusho lomqeqeshi odabuka eTunisia.

“Nokho, ngihlale ngizimisele ukunikeza amathuba kubadlali abasebancane uma bewafanele. 

“Uma unekhono ngokwanele, kimi usuke usumdala ngokwanele ukuthi ungadlala. Lokho yindlela yami yokucabanga.”

IChiefs kulindeleke ukuthi iqhubeke namalungiselelo ayo eNingizimu Afrika ngaphambi kwesizini entsha yeBetway Premiership.

Izophinde ibe nomunye umdlalo omkhulu wokuzilolonga ngoMgqibelo ongase ucacise ngokuthi iqembu libhekeni.

Amakhosi azohlangana nezikhondlakhondla zaseGhanaina i-Asante Kotoko emdlalweni weToyota Cup eMoses Mabhida Stadium eThekwini. 

Ngemuva kohambo lwaseNetherlands, uNasreddine Nabi unethemba lokuthi iqembu lakhe lizothuthukela ezingeni elidingekayo ngesizini ezayo.

WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO