
IPirates ivale ngewini eSpain, u-Ouaddou uveza abekufuna
Izethenjwa ezindala ze-Orlando Pirates, uPatrick Maswanganyi noRelebohile Mofokeng yibo abashaye amagoli leli qembu liphetha ikhempu yaseSpain ngokunqoba.
I-Orlando Pirates ishaye iqembu leSpanish Segunda Division, iGranada CF ngo 2-0 kulo mdlalo obuseMarbella Sports Centre ngoMgqibelo ebusuku.
Amagoli abengaba maningi kunalawa ewashayile njengoba yakhe inqwaba yamathuba kuzo zombili iziwombe.
Nasemuva ikhombise ukuba ngcono njengoba ikwazile ukungangnelwa goli emidlalweni emibili yokugcina.
Ekhuluma ngemuva komdlalo, umqeqeshi u-Abdeslam Ouaddou uveze abefuna bakwenze kulo mdlalo wokugcina.
“Besikufuna lokhu kunqoba, futhi kuqhamuke kahle emdlalweni wethu wokugcina kule khempu,” kusho u-Ouaddou.
“Ngijabule futhi ngiyaziqhenya ngabadlali. Ngisho nasesiwombeni sokuqala siwakhile amathuba.
“Ngeshwa asikwazanga ukushaya igoli. Kodwa esiwombeni sesibili siwashayile, futhi lokho wuphawu oluhle.”
Uthe kulo mdlalo ubefuna basebenzise kakhulu indlela yokudlala yokucindezela phambili okuyiyona abazoyisebenzisa kule sizini ezayo.
Ubefuna nokuthi abadlali bakhe badlale ngesibili nangokubambisana ngoba uthi lokho kuzodingeka uma sebedlala kwiCaf Champions League ikakhulukazi.
“Ebengikufuna wukuthi sicindezele phambili – ngijabule ngokuthi sikwenzile lokho,” kuqhuba lo mqeqeshi.
“Ukudlala ngokuhlangana, ukubambisana nesibindi yizinto ezibalulekile esizozidinga eqenjini.
“Besifuna nokugcina ibhola kakhudlwana kunasemidlalweni yethu edlule, sihlasele ngamandla.”
Emidlalweni emine, iPirates ihlulwe kowodwa, yadlala ngokulingana emibili yabe seyinqoba owodwa.
Seyizobuyela eNingizimu Afrika ukuzolungiselela ukuqala kwesizini la izobhekana khona nePolokwane City emdlalweni wayo wokuqala.
Izobe iqala umkhankaso wokuvikela indebe yeMTN8 okuyiyona yodwa eyinqobe ngesizini edlule.
