Bafana BafanaEzintsha

Yonk’indawo, iBafana iyaphumelela – ikowamanqamu kwiCosafa

Iqembu lBafana liqale kahle, kwathi uPuso Dithejane wabekela uGape Moralo ibhola elihle, kodwa ishodi kakhe laqonda kunozinti.

Ngomzuzu wesishiyagalombili, uKamogelo Sebelebele ubeke iNingizimu Afrika phambili. 

Ugudle nabadlali basemuva, wathi uzama ukulidlulisela kuBoitumelo radiopane ibhola, kodwa lazishayisa ku-Idris Mohamed weComoros qede lanamathela enethini.

Ngemuva kwemizuzu emihlanu, uMoralo uphinde waphaka elinye ibhola elihle.

Kulokhu ukhiphe uRadiopane wayobhekana ngqo nonozinti, washaye igoli lakhe lokuqala ngqa egqoke imibala yeqembu lesizwe elikhulu, kwaba u 2-0.

IComoros ilwile kwathi ngomzuzu ka-30 yathola igoli ngesikhathi u-Ibrahim Madi edonsa ishodi elimdlile unozinti weBafana. 

Leli goli liphakamise ukuzethemba kwiComoros, kodwa izihlwele ziqhubekile nokufaka osokhaya umfutho.

UMduduzi Shabalala ucishe washaya elesithathu ngaphambi kokuthi kuyiwe ekhefini, ephakelwe ibhola nguKabelo Dlamini, kodwa ishodi lakhe lashaya ipali.

Ngemuva kwekhefu iComoros ibuye ngamandla ifuna igoli lokulinganisa, kodwa yatheneka amandla ngomzuzu ka-60. 

Iphutha lasemuva linikeze uSebelebele ithuba, washaya igoli lakhe lokuqala kwiBafana okwenze kwaba ngu 3-1.

Izinto zibe zimbi kakhulu kwiComoros ngesikhathi uNaimoudine Assane ekhishwa ngekhadi elibomvu kulandela ukuthola elesibili eliphuzi sekusele imizuzu engu-10 umdlalo uphele.

INingizimu Afrika manje izobhekana ne-Angola kowamanqamu ngeSonto. 

I-Angola ifinyelele kowamanqamu ngemuva kokuhlula iMadagascar ngo 4-1 kowandulela owamanqamu ngawo uLwesihlanu.

Iqembu elihlome ngabadlali abasebancane eliholwa uVela Khumalo libheke ukuphinde lidle lesi sicoco seCosafa.