
UNeil Tovey uveza umonakalo wokuphuma kweChiefs kweyeCaf
Ingwazi yeKaizer Chiefs uNeil Tovey useveze umbono wakhe ngesimo saleli qembu asichaze njengesidabukisayo.
Lokhu kulandela imiphumela emibi eyenze leli qembu elike laziwa ngamaCup Kings liwashiswa ijezi emiqhudelwaneni emithathu emikhulu ngesizini eyodwa.
UTovey uzwakalise ukukhathazeka okukhulu ngemuva kokuthi Amakhosi ehlulwe ngo 2-1 yiZamalek SC yase-Egypt.
Lo mphumela uqinisekise ukuphuma kwayo kwiCaf Confederation Cup – okuwukuphela kwendebe ebinethuba langempela kuyo.
Lokhu kuphuma kulandela eduze okweNedbank Cup neCarling Knockout okushiye abalandeli bayo beswele indawo yokucasha.
ISIBUNGE SE-CAF
KuNeil Tovey, ukwehluleka ukuthuthuka e-Afrika akukhona nje ukuphuthelwa yindebe; kodwa nokulahlekelwa yithuba lokuheha abadlali abasezingeni eliphezulu.
“Ngokusobala, kuyadumaza. Ikilabhu idinga ukuhlala kuleyo miqhudelwano,” kusho uTovey kwiFARPost.
“Uheha abadlali kanjalo. I-Caf iyindlela ohlonza ngayo abadlali ongase ubasayine ngoba udlala nabo.
“Lokho kukunika indlela yokubona ukuthi udinga umdlali ophondweni lwesinxele noma ngabe yimuphi omunye.
“Uthola nethuba lokubahlonga ukuthi bahle kangakanani nokuthi bengalunga yini eqenjini lakho.”
IChiefs ibe neshwa ezindebeni kule sizini ekubeni bekunethemba kulandela ukunqoba iNedbank Cup ngesizini edlule:
- KwiCarling Knockout: Iwashiswe ijezi yiStellenbosch FC (sekukhahlelwa amaphenathi).
- KwiNedbank Cup: Ibhuliswe amazolo emzuliswaneni wokuqala yiStellenbosch FC (ngo 2-1).
- KwiCaf Confederation Cup: Iphume ngemuva kokuqeda endaweni yesithathu kuGroup D (kudlule iZamalek ne-Al Masry).
ILIGI YONA?
Yize sekuyibhedele kulezi zindebe futhi kubukeka izoqeda isizini ishwiba izndla, isekhona inhlansana yethemba ngeBetway Premiership
Naphezu kokungenzi kahle ezindebeni, uTovey uyavuma ukuthi ifomu yayo kwiligi ibonisa izimpawu “zesinyathelo esibheke endleleni efanele.”
Ngaphansi kwabaqeqeshi abakhona njengamanje, iChiefs isenza kangcono uma kuqhathaniswa namasizini edlule.
- Indawo ekuyo njengamnaje: IChiefs ihlezi endaweni yesine kwilogi yeBetway Premiership ngamaphuzu angu-30.
- Igebe: Ilandela i-Orlando Pirates ehamba phambili ngamaphuzu ayisishiyagalombili neMamelodi Sundowns ngamabili.
KUYESINDA
Ukuze iqede endaweni enhle kwiligi, iChiefs kuzofanele inqobe imidlalo yayo ezayo ukuze iqhubeke nomgqogqo omuhle ebinawo.
Emdlalweni olandelayo izobhekana neStellies ngoFebhuwari 24 okuwumdlalo ongase ushube ngenxa yokuthi usungowegqubu.
Umlayezo kaNeil Tovey ucacile. Uthi ukuthuthuka kweqembu kuyabonakala, kodwa akukuhle ngokwanele.
FUNDA NALA | UDoctor Khumalo usephawulile ‘ngokuzonda’ iPirates
Manje jengoba sekusele imidlalo engu-15, iligi iyona kuphela ibhuloho iChiefs enalo elingayibuyisela emidlalweni yeCaf ngesizini ezayo.
Lokho kungenzeka kuphela ngokuthi iqede endaweni yesithathu kuya phezulu kwilogi kule sizini.
