EzintshaOrlando Pirates

BUKA: Ubuyile umqeqeshi ‘obevalelisile’ kusongwa isizini

Kusuke isasasa lenjabulo kubalandeli kubuya umqeqeshi oke wasusa ukungabaza ngekusasa lakhe ekupheleni kwesizini edlule.

U-Abdeslam Ouaddou ocija i-Orland Pirates washiya abalandeli bedidekile ngemuva kokunqoba isicoco seBetway Premiership ngoMeyi.

Lo mqeqeshi wavele walibeka ngembaba elokuthi ukhathele, futhi akaboni uzokwazi ukuqhubeka nalo msebenzi.

Wathi kungabe udlala ngeqembu uma engathi uyaqhubeka nalo msebenzi ekubeni engekho esimweni esifanele ngokomqondo ngenxa yokukhathala. 

“Lo msebenzi awukho ngenkontileka noma imali, umayelana nomdlandla,” kusho u-Ouaddou.

“Udinga umdlandla namandla ukuze uhole leli qembu, futhi baningi abalandeli abalindele lukhulu.

Nokho kuyacaca ukuthi wabuye wajika umqondo njengoba esebuyile, ubekhona ngesikhathi iPirates ibuyela ejimini ngoLwesihlanu. 

Amabhakaniya aqala ukuzilungiselela isizini entsha nje kusalindeleke izinguquko ezimbalwa kubadlali.

Kunezinkomba zokuthi angase alahlekelwe ngezinye zezethenjwa abenazo ngesizini edlule okukhona kuzo uRelebohile Mofokeng.

NoThalente Mbatha beno-Oswin Appollis nabo kuyavela ukuthi bengase bathathwe amaqembu aphesheya.

Bonke laba badlali bakwiNdebe yoMhlaba neBafana Bafana njengamanje. Buka ividiyo eveza u-Ouaddou ejimini yeBucs ngezansi: