EzintshaKaizer Chiefs

Nabi: Ngeke sidlale ubu‘qum-qum’ sijahe imiphumela

Leli wembu laseNaturena isendaweni yesishiyagalolunye kwilogi yeBetway Premiership ngemuva kokudlala imidlalo eyisikhombisa linganqobi, okukhungathekise abalandeli ezweni lonke.

Phezu kwalo mgqigqo omubi, iKaizer Chiefs isisele ngokuthi inqobe umdlalo owodwa ukuthi iqede indlala yeminyaka yezinndebe njengoba izodlala kowamanqamu weNedbank Cup.

Izophinde ibhekane ne-Orlando Pirates ngoMgqibelo eThekwini, kusadlule isonto ibashaye ngo 2-1 koweligi.

UNasreddine Nabi ugcizelela ukuthi ngeke ayeke isiko leKaizer Chiefs, ngisho ingcindezi yabalandeli ingakhula kanjani.

“Le kilabhu ayizange ingilethe lapha ukuze ngidlale ibhola lokuvala emuva noma elindiza emoyeniukuze nje ngigaye imiphumela,” kusho uNabi.

Ukholelwa ekudlaleni ibhola elihlaselayo elihambisana namasiko leChiefs, noma ngabe imiphumela ayivumi.

UNabi wamukele isibopho ngebhola elidlalwa yiqembu futhi wavuma ukuthi ukugxekwa abalandeli kuvumelekile ngemuva kokudonsa kanzima kwakamuva.

“Ngiyabaqonda abalandeli. Ngiyakwamukela ukungisola kwabo. Kodwa ngiyakholelwa ohlelweni lwethu lwebhola nekusasa,” kusho yena.

UNabi uphinde wancoma umqeqeshi weMarumo Gallants, u-Abdeslam Ouaddou, embiza ngomunye wabadlali abahamba phambili e-Afrika ngesikhathi sakhe.

U-Ouaddou usanda kuncoma uNabi, wathi abalandeli beChiefs kuzomele bamnbekezelele, izinto zizolunga.

Lo mqeqeshi weChiefs uthi akazele lapha ukuzozakhela igama noma ukuhlonbisa iCV yakhe kodwa usebenzela ukubuyisela ukuziqhenya nokuzazi kwalezi zinkunzi zaseSoweto.

Uvumile ukuthi leli qembu lilahlekelwe amaphuzu ngenxa yebhola elilifaka engozini enkulu, elihlaselayo kodwa ulibona liyingxenye yokukhula kwesikhathi eside.

“Uma ucindezela phezulu, ungase udidwe ngamabhola abekwe phansi noma ngokuhlaselwa ngokuzumisa. 

“Kodwa lokho kuyindlela yethu. Lokho kuyibhola leChiefs esizoqhubeka nalo,” kwengeza yena.

Wengeze ngokuthi iqembu liyafunda futhi liyakhula njengoba beqhubeka nomsebenzi wesikhathi eside futhi bebambisene.