
UHlompho Kekana ukhalela ikhono likaMbule elimuka nomoya
Owayengukaputeni weMamelodi Sundowns uHlompho Kekana ufisa sengathi idimoni elibi elihlasele uSipho Mbule lingamdedela.
UHlompho Kekana uthi ufisa lo mdlali ayeke izinto ezibheke eceleni asolwa ngazo ngoba ngeke zimbuyisele ngalutho, bese egxila ebholeni.
NgoLwesibili iLisenethini ibike ukuthi uSipho Mbule usekhonjwe indlela yiSekhukhune United abolekiswe kuyi yiMamelodi Sundowns.
Lokhu kusolakala ukuthi kungenxa yezinto ezingezinhle azenzile nezibe amacala eqenjini, lagcina selimbuka ngokuthi uzoba yizambane elibolile.
Njengoba uSipho Mbule eseneminyaka engu-27 ubudala kumanje, uHlompho Kekana ukholwa wukuthi akasenaso isikhathi esiningi esimsalele ebholeni.
“Sike sakhuluma ngoSipho Mbule phambilini,” kusho uKekana ihlelweni lweSABC 1, iSoccer Zone kuleli sonto.
“Kuzongizwisa ubuhlungu kakhulu uma lo mfana engaziboni ukuthi unekhono kangakanani ebholeni ngoba sonke siyazi ukuthi yini akwazi ukuyenza.
“Bengisanda kumncoma ngesonto eledlule ngithi lo mfana udlala ibhola elisezingeni eliphezulu futhi udinga ukugcina umgqigqo wakhe.
“Kodwa izinto ezenzeka ngaphandle kwenkundla kubukeka zimdicilela phansi futhi njengamanje isikhathi asisekho ngasohlangothini lwakhe ngoba iminyaka iyahamba.
“Usesondela eminyakeni engu-30 kumanje futhi uma usufikr ku-30, amaqembu ayaqala akubuke ngelinye iso.
FUNDA NALA | IWydad izoshwebisa iKaizer Chiefs ngoLorch noMailula
“Kulapho usuke sekunguye odonga kakhulu ibhola, lona lingasakudingi. Ibhola lihlupha lapho nje empeleni ngoba uma usulidinga lona lisuke lingasenaso isikhathi sakho.
“Manje yena ukulesi sikhathi okufanele enze okuningi kakhulu ebholeni ngoba isikhathi sebhola siyashesha ukudlula.”
