
IWydad izoshwebisa iKaizer Chiefs ngoLorch noMailula
Izifiso zeKaizer Chiefs ngabadlali ababili abadlala kwiWydad Athletic njengamanje, uCassius Mailula noThembinkosi Lorch kubukeka zingeke zifezeke.
Kusanda kuvela imibiko yokuthi leli qembu laseNaturena licuthele ukuzwa ukuthi kuzokwenzakalani ngalaba badlali ekupheleni kwale sizini.
Bobabili badlala kulezi zinkunzi zaseMorocco kule sizini kodwa ngokubolekiswa kanti kuzophela ekupheleni maduze nje.
Kuthiwa iKaizer Chiefs icuthele ukuya emaqenjini abo ayocela ukubolekwa bona ngesizini ezayo uma kuwukuthi bayachithwa kwiWydad.
Futhi njengoba umqeqeshi obalandile kuleli qembu, uRulani Mokwena eseshiyile, bekubukeka izinto zizovuna Amakhosi.
Empeleni iChiefs izamile ukuboleka uLorch kwiMamelodi Sundowns ngoJanuwari, kodwa yachithwa lezi zinkunzi zasePitoli zancamela ukumusa eMorocco.
Kodwa njengoba singabonakali isikhala sakhe kwiSundowns nangesizini ezayo, kuthiwa iChiefs ibizophinde iyomcela.
Ibizophide iye nakwi Toronto FC okuyiyo uMailula anenkontileka naye ukuyocela ukubolekwa yena ngesizini ezayo.
Kodwa imibiko yakamuva evela eMorocco ayimihle kulezi zinhlelo zaMakhosi.
Kuvela ikuthi iWydad izimisele ukusebenzisa umbandela ebinayo kwizinkontileka zokubolekana ngalaba badlali yokuthi ingabathenga uma ifuna.
Ngokwemibiko yaseMorocco, akuzudingeka nokuthi kube nezingxoxo, kodwa kuzodingeka iWydad ikhokhe imali okuvunyelwene ngayo bese ibagcina unomphela.
Kuthiwa umqeqeshi ongene ezicathulweni zikaMokwena, u-Anime Benhachem usecele abaphathi beqembu ukuthi babagcine laba badlali.
Kuvela ukuthi uchazekile ngendlela abaletha okuthile okwehlukile ngayo eqenjini njengoba bemsize anqobe umdlalo wakhe wokuqala ephethe kuleli qembu.
UMailula wakhele uzakwabo uSamuel Obeng igoli kwathi uLorch washaya elokuwina ngempelasonto edlule.
