Afcon 2024Ezintsha

OweNigeria uphawula ‘ngempi’ ka-Osimhen noLookman 

Ugcizelele ukuthi ngeke kuwuphazamise umkhankaso weSuper Eagles kwi-Africa Cup of Nations eNigeria.

Lesi sigameko senzeke ngesikhathi iNigeria ibukisa ngeMozambique iyishaya ngo 4-0 eComplexe Sportif de Fès ngoLwesibili ebusuku.

Lona umphumela obekisele iSuper Eagles indawo emzuliswaneni olanelayo kwi-Afcon.

Amakhamera kamabonakude athwebule u-Osimhen eshintshana ngamazwi abukhali noLookman ngaphambi nje kokuthi akhihswe lo mgadli. 

Kodwa uChelle useheshe wawavala amahlebezi okuthi laba badlali baxabene okwangempela.

“Okwenzeka enkundleni kuzohlala eqenjini, angidingi ukunitshela ukuthi kwenzekeni noma kuzokwenzekani. 

“Sizokhuluma sibone ukuthi kwenzekani ngakho,” kusho uChelle ngemuva komdlalo.

Naphezu kwale ngxabano yabo, laba badlali bebehlangana kahle enkundleni futhi iminyakazo yab yiyo ebulale iMozambique. 

ULookman wakhe amagoli amabili, okuhlanganisa nelesibili lika-Osimhen.

Ngemuva komdlalo, u-Osimhen uvele waqonda ngqo ezindlini zokushintshela, kodwa uLookman uphawulile ngalesi siqephu sabo.

“Cha, angikakhulumi naye, kodwa angicabangi ukuthi yinto ebalulekile leyo,” kusho uLookman. 

“Iqembu liwine ngo 4-0, kanti uVic ngumgadli wethu ophambili, wonke umuntu uyakwazi lokhu. Zonke ezinye izinto azibalulekile kangako.”

ULookman uqhubekile nomgqigqo omuhle, wenyusa izibalo zakhe zafinyelela kumagoli amathathu nokusiza ekwakheni amane emidlalweni emithathu.

Manje usesele ngegoli elilodwa ngemuva kukaBrahim Díaz waseMorocco emjahweni wabashayi magoli abaphambili.