EzintshaKaizer Chiefs

IStellies ‘ishwebise’ iKaizer Chiefs ngebimcuthele

Lo mdlali – uDevin Titus – ungomunye wasebehlale isikhathi eside kwiStellies nabayizinsika zaleli qembu laseWestern Cape. 

Bekuke kwavela ukuthi angase ashiye mahhala kuleli qembu kulandela ukuthi ubezophelelwa yinkontileka ngoJuni.

IKaizer Chiefs, iMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates kuthiwa bese becuthile ukumhlwitha njengoba kuvulwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali nje. 

Kodwa ke iStellies seyiphuthume samsayinisa inkontileka yesikhathi eside ukuvimbela ukuthi angathathwa mahhala. 

Leli qembu limemezele ekuqaleni kwaleli sonto ukuthi usayine inkontileka entsha yesikhathi eside, kodwa alangayikhipha iminyaka. 

ILisenethini ithole ukuthi lo mdlali uqoke ukuhlala kwiStellies ukuze aqhubeke nokudlala njalo ukuze aqhubeke nokuheha amehlo ezinhloli zeqembu lesizwe. 

“Ubone ukuthi uma ehamba, ikakhulukazi manje maphakathi nesizini, engase angadlali njalo lapho ezoya khona.

“Phela manje kubhekwe kwiNdebe yoMhlaba ngakho wonke umdlali ufuna ukudlala njalo ukuze uHugo Broos ambone,” kusho umthombo. 

Uqhube wathi amehlo akhe asebheke ukuya phesheya uma esuka kwiStellies ukuze akhule kakhulu ebholeni lakhe.

“Ukubona ozakwabo abashiye kwiStellies kule minyaka embalwa edlule befika bexakeka beze baphume kwiBafana kwenze wacabanga ngenye indlela.

“Manje naye ubengeke ayoqhuzuka la kuqhuzuke khona abaphambi kwakhe ebhekile,” kuqhuba umthombo.

Kubadlali abashiye iStellies bedlala kwiBafana kukhona uSibongiseni Mthethwa no-Ashley Du Preez beKaizer Chiefs, uFawaaz Basadien noJayden Adams beSundowns.