
Peterson: I-Engen Knockout Challenge yangivulela indlela
Unozinti weKaizer Chiefs uBrandon Peterson uthi i-Engen Knockout Challenge yiyona eyamvulela indlela yokufeza iphupho lakhe lokudlala ibhola elikhokhelayo.
UPeterson ube nesizini enhle kwiChiefs futhi wacishe wangena eqenjini leBafana Bafana ebeliye kwiNdebe yoMhlaba.
Uthi ukuqala kwakhe kwakungelula njengoba kwadingeka alwele indawo yakhe kwi-Ajax Cape Town.
“Uhambo lwami lwebhola luqale eKapa futhi belungelula,” kusho lo nozinti kwi-Engen Sports Vodcast.
“Kwadingeka ukuthi ngilwele ukungena kwi-Ajax Cape Town. Ngaya ukuyohlolwa ikhono, ngahlala inyanga yonke ngaphambi kokuthi banginike ithuba.”
Uthe okokuqala waya kwi-Engen Knockout Challenge ngo-2010, kodwa akazange anikwe nethuba lokudlala.
“Ngangiyingxenye yeqembu, kodwa angidlalanga. Ngagcina sengisekela ozakwethu futhi ngabuka amakhono amaningi ayemangalisa.”
Lokho kwashintsha ngonyaka owalandela.
Ngo-2011, u-Brandon Peterson wadlala indima enkulu ngesikhathi i-Ajax Cape Town iwina i-Engen Knockout Challenge.
Waphinde waqokwa njengonozinti ovelele kulo mqhudelwano.
“Ngo-2011 ngadlala imidlalo eminingi, sawina umqhudelwano futhi nganqoba indondo yonozinti ovelele,” kuqhuba yena.
“Uma ngibheka emuva, ngiyabona ukuthi unyaka ka-2010 wangilungiselela impumelelo yango-2011.”
Lo nozinti uthi lo mqhudelwano unikeza abadlali abasebasha ithemba lokuthi bangakwazi ukufinyelela ezingeni eliphezulu.
“Uma udlala kwi-Engen Knockout Challenge, ubuka iNdebe yoMhlaba uzitshele ukuthi ngelinye ilanga nawe ungafika lapho.
“Uma sengibheka emuva namuhla, ngingatshela lowo mfana odlala kwi-Engen ukuthi amathuba akhona futhi iphupho liyafezeka,” kwengeza yena.
- FUNDA NALA | AwaseBrazil abangisana ngoVozinha
Indaba ka-Brandon Peterson ihambisana nesiqubulo salo nyaka se-Engen Knockout Challenge esithi “Where Diski Legends Start” (Lapho izingwazi zeDiski ziqala khona).
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
