
Amaqembu aseBrazil abangisana ngoVozinha weCape Verde
Unozinti wodumo waseCape Verde, u-Vozinha, usehehe amaqembu amabili aseBrazil asesembangweni wokumsayina.
Kuvela ukuthi i-Avaí ne-Atlético Goianiense sebeveze intshisekelo yabo yokusayina lo nozinti oneminyaka engu-40 ubudala.
Imibiko evela eBrazil iveza ukuthi womabili la maqembu asevele axhumanile ngqo nabammele u-Vozinha ngenhloso yokumsayinisa.
UVozinha njengamanje ungumdlali ongenaqembu, okusho ukuthi angajoyina noma yiliphi iqembu ngaphandle kokuthi likhiphe imali yokumthenga.
Lo nozinti uzakhele igama kwiNdebe yoMhlaba la iCape Verde igile khona izimanga ngokwenza kahle ize idlulele esigabeni somkhumulajezi iqala ukudlala kuyo.
Kulindeleke ukuthi sikhule isibalo samaqembu azofuna lo nozinti njengoba isasasa ngaye liqhubeka nokukhula.
Ngemuva kokwenza kahle bebhekene ne-Argentina, uVozinha waveza akutshelwa uLionel Messi.
“Ngiye kuMessi ngemuva komdlalo… wanganga wabe esethi: ‘umuhle kakhulu, abantu bakini kumele bazishaye isifuba ngawe’.
“Lokho kwaba yinto emangalisa kakhulu kumina,” kusho uVozinha.
- FUNDA NALA | UMbalula ufuna kujeziswe uMokoena
“Ukuzwa amazwi anjengalawa evela kumuntu ofana noLeo Messi kusho lukhulu kumina.
“Ngambonga ngathi: ‘ngiyabonga Leo, ungovelele’. Ngemuva kwalokho ngamcela ukuthi sishintshisane ngamajezi…
“U-Leo uthe uzonginika lona uma eseqede ukukhuluma nabezindaba.”
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
