EzintshaKaizer Chiefs

Isiqalo esihle kuNabi iChiefs inqoba kowokuqala

IKaizer Chiefs ibukeka ingcono, idlala ngokuzethemba futhi ikwazile ukuthola ukunqoba emdlalweni wayo wokuqala weBetway Premiership.

Amakhosi kudingeke isebenze kanzima ukuze anqobe kwiMarumo Gallants eFree State Stadium ngoMgqibelo ebusuku.

Bekuwumdlalo wokuqala wesikhathi esisha ngaphansi komqeqeshi omusha uNasreddine Nabi.

Futhi nakuba ukudlala kwayo kukhombise ukuthi kusakhiwa, kodwa kuvele nezimpawu ezithembisayo.

UNabi uqale ngabadlali abasha abahlanu eqenjini futhi bonke benze kahle emdlalweni wabo wokuqala.

Amehlo amaningi kufanele ukuthi abegxile kuGaston Sirino ojoyine ngemuva kokushiya iMamelodi Sundowns.

Lo mdlali wasesiswini ohlaselayo oneminyaka engu-33 ube nomdlalo omuhle, futhi ubengalishaya negoli, kodwa inhlanhla yamphika. 

UFiacre Ntwari, ongunozinti, ojoyine esuka kwiTS Galaxy, uqale kabi engenelwa yigoli emizuzwini eyisikhombisa umdlalo uqalile.

Kodwa ukwazile ukuphinde aziqoqe, aqhubeke nomdlalo futhi wavimba amanye amabhola abemabi.

IChiefs ithole elokulinganisa ngomzuzu ka-18 ngonyawo lukaMduduzi Shabalala, uMfundo Vilakazi washayela isipikili sokugcina.

IGallants iqede lo mdlalo ngabadlali abangu-10 ngemuva kokuthi uJoseph Molongoane ekhishwe ngenxa yokudlalisa kabi uWandile Duba.