
UNabi uveza okubalulekile ‘ngendodana yakhe’ uVilakazi
- Sibongiseni GUMBI
IKaizer Chiefs iyiqale isizini yayo yeBetway Premiership ngokunqoba kwiMarumo Gallants ngo 2-1 ngoMgqibelo ebusuku.
Umqeqeshi, uNasreddine Nabi akawuvali umlomo ngeqembu lakhe ngemuva kwalokhu kunqoba.
Lo mqeqeshi odabuka eTunisia, ubonise ukuzimisela kwakhe ukunika abafana abancane ithuba.
Lokhu ukubonise ngokujikijela uMfundo Vilakazi ngesikhathi umdlalo unzima usubheke ekupheleni.
UVilakazi ungene wawenza umsebenzi njengoba kunguye oshaye igoli abanqobe ngalo.
Ngemuva komdlalo, uNabi ukhulume ngendlela yakhe yokwenza izinto, egcizelela isidingo sokuzama izinto ezihlukile.
“Ukuqeqesha kuwumsebenzi wami,” usho kanje. “Kudingeka ugxile emdlalweni futhi wenze isinqumo esifanele ngesikhathi esifanele.
“Ngezinye izikhathi, sithatha izinqumo ezinobungozi. Ngenze ushintsho ngomzuzu ka-75, futhi lusebenzile.”
UVilakazi, osuke ebhentshini washaya igoli, ubelokhu esemehlweni abantu kusukela anyuselwa eqenjini elikhulu.
UNabi uyalivuma ithalente lalo mdlali osemcane kodwa ugcizelela ukubaluleka kokumvikela.
“Ngijabule kakhulu ngoVilakazi”, kusho uNabi. “Ufana nendodana yami, kodwa kudingeka ngimvikele.
“Unethalente elikhulu, kodwa ukuqala imidlalo kwiKaizer Chiefs kuza nengcindezi eningi.
“Kungumsebenzi wami ukumvikela kwabezindaba nakubalandeli ngokunjalo.”
UVilakazi ubethembisile ukuthi uzobavala imilomo ngokushaya amagoli abamgxekayo bethi akafanele ukuba kwiChiefs.
Lokhu kwakwenzeke kulandela ukuthi evele washaya isitayela zokuchoma iChiefs idliwa emdlalweni wobungani ngoJulayi.
OLUNYE UDABA: Ezintsha ngo-Appolis obengekho koweCity
Manje njengoba eselitholile igoli lokuqala lesizini, esekwa nanguNabi, cishe ukuzethemba kuzonyuka aqhubeke nokwenza kahle.
