
Ezintsha ngo-Appolis obengekho koweCity
- Alfred NGUBANE
IPolokwane City iqale umkhankaso wayo weBetway Premiership ngokunqoba AmaZulu FC ngo 2-1 ngoMgqibelo ebusuku.
Umdlalo, odlalelwe ePeter Mokaba Stadium, ube yisiqali esincomekayo sesizini kwiPolokwane.
Kodwa-ke, ukungabi bikho kuka-Oswin Appolis yikho okudonse amehle, kwavuselelela amahlebezi okuthi uyashiya kuleli qembu.
U-Appolis, ongumdlali wasesiswini weBafana Bafana oneminyaka engu-23, ubevele esematheni.
Bese kuvele ukuthi ubheke eqenjini lase-Algeria i-MC Alger kodwa kwabhidlika ngomzuzu wokugcina.
Muva nje, izinkunzi zaseNingizimu Afrika iKaizer Chiefs zimataniswa nalo mdlali.
Isicelo sokuqala seChiefs sokudayiselwa lo mdlali nokho kubikwa ukuthi sachithwa, kodwa izingxoxo ziyaqhubeka.
Umphathi weChiefs uKaizer Motaung Jr. uqinisekise intshisekelo yabo ku-Appolis ngasekuqaleni kwesonto.
Uthe izingxoxo nePolokwane zisaqhubeka, hhayi ngo-Appolis yedwa kodwa nomunye umdlali.
Lowo mdlali kukholakala ukuthi uThabang Matuludi, odlala emuva kwesokudla.
UMatuludi udlalile ngoMgqibelo futhi washaya igoli elinqobise iPolokwane kulo mdlalo.
Ukungabi bikho kuka-Appolis emdlalweni kuqubule amahemuhemu okuthi kungenzeka ukuthi usendleleni eya eKaizer Chiefs.
Imithombo esondelene nesimo iveze ukuthi iChiefs inikezwe imvume yokuxoxa nalo mdlali ngendaba yemiholo nemihlomulo.
Umqeqeshi wePolokwane City uPhuthi Mohafe uvumile ukuthi ulungiselela ukuqhubeka ngaphandle kuka-Appolis eqenjini.
“Ngizwe kuthiwa iChiefs inikezwe ilungelo lokukhuluma nomdlali ngemibandela nokunye okunjalo,” kusho osondelene neCity ocele ukungadalulwa.
“Futhi ngathi sebevumelene. Manje, izingxoxo zizoba phakathi kwamaqembu womabili, futhi uma evumelana, umdlali uzohamba.”
U-Appolis ubengomunye wabadlali ababaluleke kakhulu kwiPolokwane City ngesizini edlule.
OLUNYE UDABA: Isiqalo esihle kuNabi iChiefs inqoba kowokuqala
Udlale imidlalo engu-24, wabhakuzisa inethi izikhawu ezine. Usanda kushaya amagoli amabili iBafana ibhekene neSouth Sudan.
