Betway PremEzintsha

Betway Premiership: Kulwelwa ukuvika izembe, iTop 8 nesicoco 

Isizini ye-Betway Premiership ka-2025/26 iyasongwa kulo Mgqibelo kanti kusalindeleke kushube.

Lokhu njengoba kusekhona amaqembu alwela ukuvika izembe, ukungena kwiTop8 nokuhlwitha isicoco.

Nayi imidlalo ephambili kulo Mgqibelo wezimanga – usuku lokugcina lwemidlalo yeligi kule sizini.

  • Durban City v AmaZulu FC

IDurban City yazi kahle ukuthi yini okumele yenzeke. Ifuna ukungena kwiMTN8 ngesizini ezayo.

Njengamanje iCity isendaweni yesishiyagalombili kwilogi ngamaphuzu angu-39, ishiya iStellenbosch FC neSiwelele FC ngamathathu. 

Ukuqinisekisa indawo yayo, kumele ibashaye omkhaya bayo AmaZulu, nabo abafuna ukuwuvala kahle umkhankaso we-Betway Premiership obe muhle. 

  • Magesi FC v Richards Bay

KuMagesi, ukusinda yiyonanto okufanele ukuba iduma ekhanda njengamanje.

Leli qembu laseLimpopo libheke kulo mdlalo lazi ukuthi ukuhlulwa kungase kusho ukuphuma kwalo kwi-Betway Premiership. 

Ukunqoba kungayibeka endaweni yemidlalo yokuhlunga, nakhona kuncike kweminye imiphumela.

  • Marumo Gallants v Stellenbosch FC

Lo mdlalo ungaba nomithelela omkhulu kuwo womabili lamaqembu ngokuthi aphelelaphi kwilogi.

IMarumo Gallants iwadinga kakhulu amaphuzu ukugwema ukuzithola seyibalwa uma sekukhulunywa ngabadliwe yizembe.

Khonamanjalo, iStellenbosch FC isenawo amathemba amancane okuthi inganyonyoba ingene kwiMTN8.

  • Orbit College v Orlando Pirates

Lona ulula. Womabili amaqembu awadinga ngempela amaphuzu amathathu. 

Ku-Orbit, ukuwina kungase kubaqinisekise ukuphepha ezembeni nokho nalokho kuncike kakhulu kweminye imiphumela. 

Kodwa ukuwina noma ukudlala ngokulingana kungaqinisekisa ukuthi okungenai ithola ithuba lokuzama ukusinda kweyokuhlunga.

KwiPirates, ukunqoba kubaqinisekisa ukuthi ingompetha abasha be-Betway Premiership.

Ukudlala ngokulingana noma ukuhlulwa kungasho ukuphinde ibe ngababeki benkosi, okwaziwayo ukuthi ababusi nayo.