Bafana BafanaEzintshaKaizer Chiefs

UMaboe akayithi vu eyeBafana, uphawula ngoweChiefs

Yize engazange asho lutho ngokuqokwa kwakhe kwi-Bafana Bafana, kodwa akungabazeki ukuthi uLebohanga Maboe uzobe ebheke ukukholisa u-Hugo Broos ngoMgqibelo.

UMaboe ungomunye wabadlali abane beKaizer Chiefs abaqokelwe eqenjini lokuhlunga le-Bafana Bafana ngumqeqeshi u-Hugo Broos.

Manje umdlalo wezakhe neChippa United eMoses Mabhida Stadium uyithuba lokugcina kuMaboe nozakwabo ukuqinisekisa uBroos ukuthi akenzanga ithuba ngokubaqoka.

ULebohang Maboe uqokwe kanye noBradley Cross, uThabiso Monyane noBrandon Petersen kuleli qembu okuzophuma kulo abangu-26 abaya kwiNdebe yoMhlaba.

Amakhosi asevele azibekisele indawo yesithathu kwiligi futhi azibekisele indawo kwiCaf Confederation Cup ngesizini ezayo. 

Lokho kususe ingcindezi emdlalweni wawo wokugcina, okuvumela abadlali ukuthi baveze amakhono abo ngokukhululeka.

UMaboe uthi isimo ngaphakathi ekhempini sihle kakhulu njengoba iChiefs ibheke ukuqeda ngamandla.

“Amalungiselelo ahamba kahle kakhulu,” kusho uMaboe. “Siwubheke ngabomvu umdlalo wethu wokugcina ngenhloso yokuqeda isizini ngegiya eliphezulu.”

Lo mdlali wasesiswini ubambe elikhulu iqhaza ekuvuselelweni kweChiefs kule sizini ngemuva kokujoyina leli qembu esuka kwiMamelodi Sundowns. 

Kulandela ukuphoxeka kwesizini edlule lapho beqede khona ngaphandle kweTop 8, Amakhosi abuye ngamandla.

“Ngiyaziqhenya kakhulu ngomsebenzi esiwenzile kuze kube manje,” kwengeza u Maboe.

IChiefs ilindele inselelo enzima kwiChippa United esasengozini yokugawulwa yizembe.

“Bayiqembu elidlala into eqondile, kodwa sizihlonzile izindawo esingazisebenzisa,” kuphetha uMaboe.

Uyena nozakwabo abaqokiwe kulindeleke bashaye into ecokeme kulo mdlalo.

Phela amehlo ka-HUgo Broos azobe ekubo, efuna ukubona ukuthi bakufanele ngampela yini ukuba kwi-Bafana Bafana.