
Bekungathi ubone intombi ithathwa yiPolo uNabi egilwa yi-Arrows
Usale ebukeka njengendoda eqeda kubona intombi yayo ithathwa yiPolo umqeqeshi weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi.
Lokhu bekulandela ukuthi iGolden Arrows imgile igoda, imshaya okwesibili kule sizini emidlalweni yeBetway Premiership.
Njengoba ebesehlulwa okweshumi kule sizini kwiligi, uNasreddine Nabi useyayizwa ngcindezi abhekene nayo kulo msebenzi.
IGolden Arrows inqobe ngo 2-1 emdlalweni obuseMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo ntambama.
IChiefs iqale kahle futhi yabekelwa iphenathi umdlalo usanda kuqala ngesikhathi uGlody Lilepo edlaliswa kabi nguThokozani Lukhele.
Nokho ukaputeni uYusuf Maart ushaye uyigejile, ibhola lakhe lazishayisa epalini.
I-Arrows ibe seyiphakama ngemva kwalokhu kodwa nayo yashweba amathuba ambalwa abebukeka elula.
Nokho uKnox Mutizwa ube esephuca u-Inacio Miguel ibhola eduze nepali labo, walibeka phambi kukaNduduzo Sibiya obe eselinamathisela enethini.
IChiefs iphendule ngokushesha, uMaart elungisa iphutha alenze ngephenathi ngokuqedelaa umnyakazo omuhle kaGaston Sirino.
Yize iphushele ukuthi iwine ngesiwombe sesibili, iChiefs izithole seyiphinde iphefumula ngenxeba ngasekupheleni komdlalo.
Lokhu bekungemuva kokthi uMutizwa evalele enethini igoli lokunqoba le-Arrows nelibuyise iChiefs ngaphansi kwengcindezi enkulu.
