
UDa Cruz uhlanza iqiniso ngeChiefs nokulwela izindebe
Umqeqeshi we-Kaizer Chiefs, uFernando Da Cruz, usekhiohe iqiniso ngaleli qembu njengoba kubhekwe alibuyisele ekunqobeni izicoco.
Uthi akukabi yisikhathi sokuthi iqembu licatshangwe njengelingaba embangweni wesicoco seBetway Premiership njengoba esafuna ukuqinisa isikwati.
Ekhuluma esithangamini sabezindaba ngeSonto, uDa Cruz uthe uyaneliseka ngendlela iqembu eliyiyona emuva, kodwa usafuna ukuliqinisa phambili.
“Njengamanje, cha,” kusho uDa Cruz ngesikhathi ebuzwa ukuthi iChiefs isikulungele yini ukulwela isicoco seligi.
“Kusafanele sengeze abadlali abahlaselayo. Uma sesinesikwati esiphelele, sizokwazi ukuhlola ukuthi singakwazi yini ukulwela isicoco seligi nokwenza kahle kwiCaf Confederation Cup.”
Lo mqeqeshi waseFrance uthe usebenzisana nabaphathi beqembu ukuze bathole abadlali abazokwengeza ikhono lokuhlasela.
“Sisebenzisana nabaphathi ukuze sithole abadlali abazoqinisa ukuhlasela futhi bengeze izindlela ezehlukene zokudlala,” kusho uDa Cruz.
Ngaphambi komdlalo weToyota Cup, uFernando Da Cruz wayedalule izindawo abona kusamele ii-Kaizer Chiefs iqinise kuzo ngabadlali abasezingeni.
“Kunezindawo ezine phambili. Sifuna umgadli, abadlali ababili basophondweni nomdlali wasesiswini ohlaselayo,” kusho lo mqeqeshi.
“Sinabadlali abahle kulezi zindawo, kodwa sifuna abehlukile ukuze sikwazi ukudlala ngezindlela ezehlukene.”
UDa Cruz uthe ujabule ngendlela iChiefs evala ngayo emuva njengamanje.
“Emuva singcono kakhulu. Sinesakhiwo esihle sokuvala emuva, manje isinyathelo esilandelayo wukuqinisa indlela esihlasela ngayo,” kusho yena.
- FUNDA NALA | UMabasa usekhonjwa kwelaseMorocco
I-Kaizer Chiefs kulindeleke ukuthi iqhubeke nokufuna abadlali abasha ngaphambi kokuthi kuqale isizini entsha njengoba uFernando Da Cruz efuna iqembu lakhe libe namandla okuncintisana kuyo yonke imiqhudelwano.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
