EzintshaMamelodi Sundowns

Ezintsha ngoMaseko oshiywe iSundowns iya ekhempini

I-Mamelodi Sundowns imshiyile umdlali wasophikweni, u-Thapelo Maseko ngesikhathi iya ekhempini yokulungiselela isizini e-Austria.

Manje sekuvele ukuthi lokhu kwenzeke ngoba usenikwe imvume yokuzifunela elinye iqembu azodlala kulo.

Lo mdlali oneminyaka engu-22 ubudala usanda kubuya ekubolekisweni kwi-AEL Limassol yaseCyprus, lapho abe nesizini enhle ngemuva kokungasatholi amathuba okudlala ngaphansi komqeqeshi uMiguel Cardoso.

UMaseko udlale imidlalo engu-15 kuyo yonke imiqhudelwano, washaya amagoli amabili waphinde wakha elilodwa.

Ukuqhakaza kwakhe eCyprus kumenze wabuyiselwa eqenjini leBafana Bafana nguHugo Broos, lapho aphinde wadlala indima ebalulekile kwiNdebe yoMhlaba.

Nokho, ngokombiko weSABC Sport i-Mamelodi Sundowns isizimisele ukumdayisa unomphela u-Thapelo Maseko, noma iphinde imbolekise kwelinye iqembu.

Abammele uMaseko nabo kuthiwa bafuna athole ikhaya elisha njengoba engasawatholi amathuba eChloorkop.

I-AEL Limassol kubikwa ukuthi isazimisele ukumthenga unomphela ngemuva kokujatshuliswa yindlela adlale ngayo eCyprus.

U-Thapelo Maseko wajoyina i-Mamelodi Sundowns esuka kwiSuperSport United ngoJulayi ka-2023 ngesikhathi iqembu liqeqeshwa uRulani Mokwena. 

Waqala kahle ngokuwina umklomelo womdlali ovelele kwi-African Football League.

Uphinde waba yingxenye yeqembu leBafana Bafana elanqoba indondo yethusi kwi-Africa Cup of Nations ka-2024.