
UShabalala uqala isahluko esisha, ‘uzoswenka’ ngePuma
Isihlabani seKaizer Chiefs, u-Mduduzi Shabalala, sesisayine inkontileka nenkampani yezingubo zemidlalo i-Puma ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2026/27, eshiya inkampani iNike.
Lo mdlali oneminyaka engu-22 ubudala, usengomunye wabadlali abawubuso bamakhokho amasha iPuma Ultra 7 Nitro.
UShabalala uthe ukujoyina iPuma kuyisinqumo esifanele ngoba imigomo yale nkampani ihambisana nezifiso zakhe ebholeni.
“Ukujoyina umndeni wePuma kuyisinqumo esifanele kimina ngoba ngikholelwa ezintweni ezifanayo nale nkampani, okuwukuzethemba, ukusebenza ngokuzikhandla nokulangazelela ukunqoba,” kusho uShabalala.
“Njengomdlali webhola ngizikhandla nsuku zonke ukuze ngithuthuke, ngidlale ezingeni eliphezulu futhi ngenze umehluko enkundleni nangaphandle kwayo.
“Ngikholwa ukuthi isifiso sami, ukusebenza kanzima nothando lwami lwebhola kuhambisana kahle nePuma.”
U-Mduduzi Shabalala uphinde waveza ukuthi umngani wakhe omkhulu nonguzakwabo kwiChiefs, uMfundo Vilakazi, naye ongaphansi kwe-Puma, ube nomthelela kwisinqumo sakhe.
“Ukubona uMfundo Vilakazi eyingxenye yomndeni wePuma kwangenza ngabona izinto ezinhle ngale nkampani,” kusho yena.
“Sikhulumile nngakho, kodwa ekugcineni ngenze lesi sinqumo ngoba ngibone ukuthi imigomo, umbono nokuzinikela kwePuma kubadlali kuhambisana nezifiso zami nohambo lwami ebholeni.”
- FUNDA NALA | Ezintsha ngoMaseko kwiDowns
U-Mduduzi Shabalala manje uzongena kwisizini entsha esebenzisa amakhokho e-Puma njengoba ezimisele ukusiza iChiefs ilwele izindebe.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
