Ezintsha

Aphucwe iqatha emlonyeni abezibheke koweTS Galaxy

UKabini ubengomunye wabadlali abagqamile kwiRockets kanti kukholakala ukuthi uhehe amakilabhu amakhulu akuleli. 

Ubonwa njengomunye wabadlali basemuva kwesokunxele ababonakala benekusasa elikhulu phambi kwabo ebholeni. 

I-Orlando Pirates neStellenbosch FC kubikwe ukuthi bebelokhu bemqaphile, bebheka ukukhula kwakhe ngenhloso yokumsayina. 

Kodwa manje umengameli we-TS Galaxy, uTim Sukazi udalule ukuthi lo mdlali wasemuva oneminyaka engu-20 uya eNorway. 

Udalule lezi zindaba ngesikhathi exoxa ne-Ikwekwezi FM ngoLwesihlanu ekuseni. 

“Angikwazi ukudalula igama leqembu njengamanje ngenxa yesigatshana senkontileka esiphoqa ukuthi ngilifihle igama leqembu,” kusho uSukazi.

Kodwa ngokwe-Unplayable ZA, uKabini uzosayinwa yiqembu laseNorway elidlala esigabeni sokuqala iMolde FK.

Leli qembu lisendaweni yesishiyagalolunye kwilogi yaseNorway kanti kuthiwa lifuna ukuqinisa ngalo mdlali. 

Uzohamba khona manje kwazise iwindi lokudayiselana ngabadlali lisavuliwe kuleliya zwe futhi lizovalwa ngiMashi 27.