EzintshaMamelodi Sundowns

IWydad isizingela nosawoti ephaketheni isihlabani seDowns

Imibiko yakamuva iveza ukuthi iWydad – ebicijwa uRulani Mokwena ngesizini edlule – isisha amashushu ngomdlali wasemuva weBafana Bafana, uKhuliso Mudau.

Ngokombiko we-AfricaFoot.com, leli qembu seliziqalile izingxoxo neSundowns futhi sezisezingeni eliphezulu.

I-Wydad iqale yalandela uThembinkosi Lorch, kodwa izingxoxo zaphelela emoyeni ngenxa yemali okuthiwa beyifunwa yiSundowns ngaye. 

Manje, umengameli we-Wydad uHicham Aït Menna usezingela uMudau afuna ukuqinisa ngaye.

Kuthiwa ukwenza kahle kukaLorch kuleli qembu kwenze amaqembu aseNorth Africa ababuke ngelinye iso abadlali baseNingizimu Afrika.

ULorch udlale ibhola elinenkosi phakathi ikakhulukazi kwiFifa Club World Cup ngenyanga edlule. 

Manje iWydad isifuna lo mdlali wasemuva oteketiswa ngelikaSailor, ungomunye wezinsika kwiSundows futhi kuzothatha amehlo ukubona ukuthi izovuma yini ukumdedela.

UMudau, oneminyaka engu-28 ubudala uke wamataniswa namaqembu ase-Europe ikakhulukazi ngemuva kokudlala kahle kwiCaf Africa Cup of Nations (Afcon) nyakenye. 

Uphinde waba ngumdlali omqoka ekusizeni iSundowns iqhubeke nokuzenzela kuleli, nokuthi ifike kowamanqamu kwiCaf Champions League. 

Yingakho ke i-Wydad, ayakha kabusha njengoba ifuna ukubuya kuzwakale ebholeni lase-Afrika kwazise izodlala kwiCaf Confederation Cup, ifuna ukuqinisa ngaye. 

Leli qembu selivele libophele abadlali abanegama cishe kuzo zonke izindawo okukhona kubo oBart Meijers, uStephane Aziz Ki, uGuilherme Ferreira, noNordin Amrabat.

Uma iSundowns ivuma ukudedela uMudau – amathuba alokho mancane kakhulu – uzoba ngomunye wabadlali bakuleli abathuthela enhla ne-Afrika.

UKhanyisa Mayo usevele ungumdlali ovelele kwiCR Belouizdad e-Algeria, u-Elias Mokwana naye ungumdlali omqoka kwi-Esperance eTunisia phakathi kwabanye. 

WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO