EzintshaKaizer Chiefs

UJessica nesethembiso ngabadlali abasha kwiKaizer Chiefs

Umqondisi wezokumaketha kwiKaizer Chiefs uJessica Motaung ukugcizelele ukuthi ikilabhu izosayinisa abanye abadlali ngaphambi kokuthi kuvalwe iwindi lokudayiselana ngabadlali.

Iwindi lokudayiselana ngabadlali lizoqhubeka kuze kube uSepthemba 22 kulokhu kanti ngaleso sikhathi isizini entsha izobe seyivele seyiqalile.

Amakhosi kuze kube manje aseqinisekise abadlali abasha abayisithupha njengoba ebheke ukuqinisa isikwati sawo ngaphambi kwesizini ematasa kunokujwayelekile.

IKaizer Chiefs izodlala nasemqhudelwaneni wezwekazi iCaf Confederation Cup ngaphezu kweyakuleli emithathu ezodlala kuyo – iBetway Premiership, iCarling Knockout neNedbank Cup. 

Abadlali abasha asebeqinisekisiwe kuze kube manje nguNkanyiso Shinga, u-Ethan Chislett, uFlavio Da Silva, uPaseka Mako, uThabiso Monyane noSiphesihle Ndlovu.

Kukholakala ukuthi Amakhosi asesayine noLuke Baartman no-Asanele Velebhayi abebekwiCape Town Spurs.

Nokho laba bobabili ngeke baqinisekiswe kuze kube udaba lwezomthetho neSpurs ethi basenenkontileka nayo luxazululeke. 

Futhi ngokusho kukaJesicca, ikilabhu ayikaqedi ngokusayinisa abadlali abasha okwamanje.

Uphinde wancoma nabadlali bekilabhu beqemu le-DStv Diski Challenge abebesekhempini neqembu elikhulu eNetherlands.

“Sikulungele ukulwa futhi ngokuqinisekile sisabheke ukusayina abanye abadlali,” kusho uJessica kwiSABC News ngoMsombuluko.

Ubekhuluma ngesikhathi leli qembu lethula ijezi lalo elisha lesizini ezayo ongaziwinela lona neLisenethini ngokucofa lapha: WINA!.

“Njengoba iwindi lisavuliwe kuze kube uSepthemba, ngicabanga ukuthi abalandeli bangalindela abanye abadlali…

“Kumele bazi ukuthi kusekhona abanye abadlali abaningi esizobasayina. Sijabule nangabadlali bethu abasebasha esibethule ekhempini yokulungiselela isizini.

“Bakhombise ukuthi bayaliqonda isiko leChiefs, nendlela yeChiefs yokwenza izinto.

“Ngakho-ke, sijabule kakhulu ngalokho,” kwengeza uJesicca yindodakazi endala kasihlalo weqembu uKaizer Motaung.

Umdlalo olandelayo weKaizer Chiefs kuzoba ngowobungani ozoba seThekwini ngoMgqibelo ntambama.

Amakhosi azogqoka ijezi lawo elisha okokuqala ngqa lapho ehlangana neqembu laseGhana i-Asante Kotoko kwiToyota Cup eMoses Mabhida Stadium.

WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO