EzintshaMamelodi Sundowns

Ingwazi yeDowns inuka uCardoso ngankwenze kuSuarez

ULucas Suarez wenze iphutha elibi ngesikhathi iSundowns ihlulwa ngo 2-1 yiKaizer Chiefs emdlalweni owandulela owamanqamu weNedbank Cup. 

Ngaphambi kwalokho, wayenze elinye iphutha behlulwa yi-Orlando Pirates ngomphumela ofanayo emdlalweni weBetway Premiership. 

Kuyo yomibili le midlalo, uMiguel Cardoso uvele wamkhipha uLucas Suarez odlala emuva futhi odabuka e-Argentina. 

Lokhu akwehlanga kahle kuHlompho Kekana owayengukaputeni weSundowns eminyakeni edlule.

UKekana ubona lesi sinqumo sikaCardoso sithumela umyalezo ongalungile futhi singase sililimaze iqembu ngokuhamba kwesikhathi.

Ekhuluma kwiThe Pitchside Podcast, uHlompho Kekana uthe amaphutha ayingxenye yebhola. 

“Njengabantu abasebenza ngebhola elikhokhelayo, kufanele siqonde ukuthi amaphutha ayenzeka emdlalweni,” kusho uKekana. 

“Unqoba umdlalo ngokuthi ucindezele iqembu obhekene nalo, uliphoqe ukuthi lenze amaphutha.”

UKekana uthi abadlali bayakhula ngokuthenjwa ngemuva kokwenza amaphutha ngoba bayafunda kuwo. 

“Ukuze umdlali athuthuke ekilabhini enkulu, kufanele enze futhi afunde emaphutheni,” kuchaza le ngwazi. 

“Ukumkhipha ngemuva kokwenza iphutha – noma ngabe lingakanani – akusizi ngalutho.”

Le nkakha yeSundowns imsolile uMiguel Cardoso ngokuthi njalo uma uLucas Suarez enze iphutha, uyamkhipha.

“Ukukhipha umdlali ngemuva kwephutha kubulala ukuzethemba kwakhe,” kuqhuba uKekana. “Kumkhombisa ukuthi awusamethembi.”

UHlompo Kekana ugcizelele ukuthi uSuarez udinga ukwesekwa, hhayi ukujeziswa ngale ndlela okwenzeke ngayo. 

Uxwayise ngokuthi ukujeziswa ngokukhishwa uma umdlali enze iphutha kuzofaka uvalo nakwabanye, bese besaba ukwenza izinto enkundleni ngoba benqena amaphutha. 

“Uma abadlali bezwa ukuthi iphutha elilodwa lijeziswa ngokukhshwa, bazoyeka ukwenza izinto ezingabafaka engozini,” kusho uKekana. “Lokho kuyingozi eqenjini.”

ULucas Suarez usanda kugxekwa, ngamaphutha amaningana emidlalweni ebalulekile. Kodwa uHompho Kekana ukholwa ukuthi ukumkhipha ngeke kuyixazulule inkinga.

ISundowns manje ibhekene nenselelo yokwakha kabusha ukuzethemba ngaphambi kwemidlalo yayo elandelayo. 

Ukuthi uCardoso uzoqala yini ngoSuarez uma sebehlangana ne-Al Ahly ngempelasonto kusazobonakala.

Kodwa umlayezo kaKekana ucacile — kumele athembe abadlali bakhe, ngisho noma benza amaphutha.