EzintshaOrlando Pirates

Andre De Jong: Nakhu engikujoyinele i-Orlando Pirates

Selokhu eqedele umnyakazo wakhe esuka kwiStellenbosch FC ngoJanuwari, lo mdlali waseNew Zealand usedalule ukuthi ekade ekufuna lokhu.

Uthi ukuya kwakhe eSoweto yisinyathelo ahlose ngaso ukuzitholela indawo eqenjini lesizwe eliya kwiFifa World Cup.

INew Zealand isivele isiqinisekisile indawo kulo mqhudelwano oseNorth America kanti iqhathwe kuGroup G neBelgium, Egypt, ne-Iran.

Manje uDe Jong uyazi ukuthi ukudlala njalo nokunqoba izindebe nePirates kuzoba yithikithi lakhe lokungena eqenjini lokugcina labadlali abangu-26.

UDe Jong usengomunye wabadlali abasanda kungena eqenjini lesizwe laseNew Zealand, futhi ubebiziwe emawindini amabili edlule. 

Njengamanje unemidlalo engu-11 namagoli amabili kwi-All Whites.

“Ngenkathi i-Orlando Pirates iqala ukukhombisa intshisekelo, kwaba umnyakazo ojabulisa kakhulu kimi,” kusho u-Andre De Jong. 

“Ngicabanga ukuthi kuphushela phambili izifiso zami zokungena eqenjini leNdebe yoMhlaba… 

“IPirates iqoqe izindebe eziningi esikhathini esidlule, ngakho ukujoyina lesi sikhungo kungaba kuhle emsebenzini wami.”

Uhambo lwakhe kwiPirates kusukela eyojoyinile ngoJanuwari kuze kube manje:

  • Ukungena eqenjini: Umqeqeshi u-Abdeslam Ouaddou umfaka ngokucophelela eqenjini lakhe.
    Usasebenzisa uDe Jong ngokumfaka esuka ebhentshini ukuyoshintsha umdlalo ukuze ajwayele isimo sezulu saseGoli.
  • Igoli lokuqala: Uvule umgodla wakhe kumaBhakabhaka ngesikhathi benqoba ngo 4-1 kwiNedbank Cup behlula iTTM.

Ukhombise ukuba muhle ekushayeni iphenathi okuyonto abethenjwe ngayo nakwiStellies la eshaye khona amagoli angu-19.

Lo mdlali oneminyaka engu-29 ubudala ubheke ngabomvu iMarch Fifa Series, lapho iNew Zealand izosingatha khona imidlalo yasekhaya e-Eden Park e-Auckland. 

Le midlalo izoba yithuba lokugcina ngaphambi kokuthi kuqokwe iqembu lokugcina leNdebe yoMhlaba ngoMeyi.

  • Mashi 27: New Zealand v Finland (Eden Park)
  • Mashi 30: New Zealand v Chile (Eden Park)
  • Juni 6: New Zealand v England (Florida, USA)

U-Andre de Jong uthi akayijoyinelanga i-Orlando Pirates ukuze andise isibalo sabadlali ejimini. 

Ngokushintshanisa imibala esuka kokukhwebezane weStellies eya komnyama wePirates, ukhethe iqembu elinengcindezi ephezulu.

Lesi simo akuso sizomhlonza ukuthi ngabe ungumdlali okwaziyo yini ukumelana nengcindezi nokudlala ezingeni eliphezulu.