
Uqunge isibindi uCijimpi ngoVeli Mothwa
- Sibongiseni GUMBI
Cishe esinye sezinqumo ebezibhekwe kakhulu kumqeqeshi waMaZulu FC, uPablo “uCijimpi” Martin besingonozinti uVeli Mothwa.
Bekubhekwe ukubona ukuthi uzokwenza njani ngalo nozinti owenza iphutha elibucayi neladlisa Usuthu emdlalweni wokuqala.
UMothwa wabamba qede wadedela ibhola kalula esebhokisini lakhe, okwenza liwele kumdlali wePolokwane City.
UThabang Matuludi wathi ngibonwa yini, wabe esevele elivalela enethini, umdlalo waphela ngo 2-1 kunqoba iCity.
Ngaphambi kwalokho wayenze amanye amaphutha amabili kwiBafana Bafana bebhekene ne-Uganda.
Lamaphutha afake uMartin enkingeni yokunquma ukuthi uyamyekisa epalini noma udla imihlathi aqhubeke naye.
Kodwa emdlalweni wezakhe neKaizer Chiefs, odlalwa phambi kwenkundla egcwele phama eMoses Mabhida Stadium, umshiye ebhentshini.
Uqoke ukuqala ngonozinti osemncane nongenamava, kodwa othembisayo u-Olwethu Mzimela.
