
Amehlo kuMonnapule Saleng ebhekene nelakhe lakudala
Wonke amehlo abheke kuMonnapule Saleng njengoba iMamelodi Sundowns ivakashele i-Orbit College emdlalweni weBetway Premiership ngoLwesibili ebusuku.
Ngenkathi umjaho wesicoco seligi ushuba, okubhekwe ngabomvu kulo mdlalo wumthelela kaMonnapule Saleng.
Lo mdlali oneminyaka engu-27 ubudala uqala umdlalo wakhe wokuqala kumaBrazilians njengoba ebhekene neqembu elamvundulula.
Lo mdlalo uqala ngo-7.30 ebusuku kanti uphoqe umqeqeshi weSundowns uMiguel Cardoso ukuthi alihlele kabusha iqembu lakhe.
ITHUBA LIKASALENG
Uhambo lukaMonnapule Saleng kule sizini lube yisimanga njengoba eqale isizini eyinukani kwi-Orlando Pirates.
Ngemuva kokubolekiswa kwi-Orbit College ngoJulayi 2025, ubonakale edonsa kanzima ukubamba umgqigqo wakhe.
Inqubekela phambili yakhe ivinjwe wukulimala kodwa ukushintshela kwiSundowns kubukeka sengathi kwenze izimanga.
Emidlalweni emibili asayidlalile esuka ebhentshini, wenze kahle futhi wakhombisa ukuthi usenguloya Saleng obesanganisa abalandeli bePirates.
USaleng uqala umdlalo wakhe wokuqala kuleli qembu laseChloorkop njengoba ebhekene nozakwabo abedlala nabo ezinyangeni ezimbili ezedlule.
Njengoba abalandeli baMasandawana bemagange ukubona lo mdlali wabo, usevele uyathrenda ezinkundleni zokuxhumana
OKUPHOQE USHINTSHO
Yize lingangabazeki ikhono likaSaleng, kodwa mhlawumbe okumsize ukuthi aqale lo mdlalo wukuminyaka kwemidlalo yeSundowns.
ISundowns kubikwa ukuthi izamile ukuthi lo mdlalo uhlehliswe ukuze igxile koweCaf Champions League ongempelasonto.
Kodwa-ke, i-Orbit College yenqaba, futhi yagcizelela ukuthi lo mdlalo udlalwe njengoba bekuhleliwe.
ISANDLA SIKACARDOSO
Njengoba elinye iso libheke lo mdlalo wangempelasonto, uMiguel Cardoso unqume ukubaphumuza abanye babadlali abayizinsika zeqembu.
Ibhentshi namuhla libukeka njengeqembu leBafana Bafana njengoba linoTeboho Mokoena, Grant Kekana, Thapelo Morena no-Aubrey Modiba.
FUNDA NALA | UKhune uzifake zaphelela ‘konontandakubukwa’ beChiefs
Ibophele kanje iSundowns kulo mdlalo: Williams, Mudau, Basadien, Cupido, Johannes, Reisinho, Sales, Allende, Santos, Saleng, Rayners
Ebhentshini kukhona laba: Onyango, Kekana, Modiba, Morena, Mokoena, Zwane, Mathews, Mothiba, Leon
