EzintshaMotsepe Foundation Championship

OweKruger United ubona besangayikeqa iDurban City

I-Kruger United isendaweni yesibili, kanti isele ngamaphuzu ayisishiyagalombili kwiDurban City ezihola phambili kulesi sigaba. 

Lena yisizini yayo yokuqala kwiChampionship. Naphezu kwezingqinamba, uNonyane usalokhu enethemba.

“Sisaqhubeka nokuphusha,” kusho uNonyane engxoxweni abe nayo neSowetan kuleli sonto. 

“Igebe phakathi kwethu nabasendaweni yesihlanu lincane. Kusangenzeka noma yini. 

“Yingakho ukunqoba imidlalo yethu esele kubalulekile,” kuqhuba uNonyane.

I-Kruger United isanda kulahla amaphuzu ngesikhathi ibambana ngo 1-1 neCape Town Spurs elwela ukuvika izembe. 

Kule mpelasonto izobhekana neMilford ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.

UNonyane uthi bafuna ukuphinda umlando owqoshwa yiChippa United eminyakeni edlule. 

IChippa yahlala isizini eyodwa kwiChampionship ngaphambi kokunyukela kwiPremiership. “Umqeqeshi wethu (Abram Mongoya) uhlale esikhumbuza ngaleyo ndaba. IChippa yakwenza, futhi nathi singakwenza,” kusho uNonyane.

I-Kruger United yona ikhuphukele kwiChampionship isuka kwi-ABC Motsepe League ngesizini edlule. 

“Siqale kancane, yebo, kodwa vele akubalulekile ukuthi uqale kanjani — kumayelana nendlela oqeda ngayo,” kwengeza uNonyane.

Ukholwa ukuthi iqembu njengoba sekubhekwe entanjeni, iqembu liyahlangana ngesikhathi esifanele. 

“Siyiqembu elisha elinabadlali abasha. Kodwa manje sesiyahlangana. Lokho yinto enhlefuthi ebalulekile.”

Ukaputeni uyazi ukuthi bazodinga iDurban City ukuthi ishelele, ilahle amaphuzu, kodwa usagxile ekwenzeni owabo umsebenzi.

“Ayikho imidlalo elula kule esele,” kuqhuba yena. “Kufanele siwine yonke imidlalo yethu. Yilokho kuphela okufanele sikwenze thina.”

Impi ye-Kruger United iyaqhubeka njengoba ihlose ukuqopha umlando ngokusuka esigabeni sama-amesha igijime ize ingene kwesiphezulu ebholeni elikhokhelayo.

Ime kanje isiyonke imidlalo yeChampionship kule mpelasonto- yonke iqala ngo-3 ntambama:

  • NgoMgqibelo: Orbit College v Pretoria Callies, eOlympia Park; Leopards v Venda FC, eThohoyandou Stadium; Milford v Kruger, ePrincess Magogo; Baroka v JDR, eGlobal Stadium
  • NgeSonto: University of PTA v Durban City, eTuks Stadium; Upington v Lions, eMxolisi Dicky Jacobs Stadium.