EzintshaKaizer Chiefs

Okwenza owe-TS Galaxy abone ithuba lamaphuzu kwiChiefs

Lamaqembu azokhiphana inkani emdlalweni weBetway Premiership ozoba sePeter Mokaba Stadium, ohlelelwe ukuqala ngo-7 ntambama.

I-TS Galaxy ihluliwe emdlalweni wayo odlule, ishaywa yiMarumo Gallants, okuqede umgqigqo wayo wemidlalo eyisithupha ingehlulwa. 

IKaizer Chiefs nayo ibuya ebuhlungwini benduku ngemuva kokuhlulwa ngo 2-1 yiGolden Arrows.

Manje uBeganovic ukholwa ukuthi lesi yisikhathi esihle sokubhekana nalezi ziqhwaga zaseSoweto ezidonsa kanzima.

“IKaizer Chiefs iyikilabhu enkulu enabadlali abasezingeni eliphezulu,” kusho uBeganovic. 

“Kodwa ayidlalanga kahle emidlalweni embalwa yakamuva.

“Thina kuzofanele silungise amaphutha ethu esiwenze emdlalweni wokugcina. 

“Sizodlala enkundleni enkulu, phambi kwabalandeli abaningi. 

“Leli kuzoba yithuba elihle kakhulu lokuthi sikhombise ikhwalithi yethu.”

Wengeze ngokuthi abadlali bakhe kumele balwe imizuzu engu-90 futhi bawakhiphe wonke amangwevu kulo mdlalo.

“Uma senze lokho, nakanjani singaphma namaphuzu athile kulo mdlalo,” kwengeza lo mqeqeshi odabuka eBosnia.

Umqeqeshi weChiefs, uNasreddine Nabi, unengcindezi enkulu. 

Usevele useke wacela isineke nesikhathi esengeziwe, yize lena kuyisizini yakhe yokuqala.

Umqeqeshi we-Arrows, uManqoba Mngqithi, usanda kudalula ukuthi iChiefs ifundeka kalula. 

Ukuphawula kwakhe kube yiqiniso ngesikhathi iqembu lakhe lihlula Amakhosi kalula.

Kodwa uBeganovic yena akafuni ukuyithatha kancane. Ulindele ukuthi iChiefs yenze izinguquko kulo mdlalo wasePolokwane.

“Ekuzilungiseleleni kwethu, sihlaziye imidlalo yabo emithathu noma emine edlule,” kusho yena. 

“Silungiselela izindlela ezahlukene abangadlala ngazo. Uma beshintsha uhlelo lwabo, kufanele sikwazi ukujika kalula nathi.”

Njengamanje i-TS Galaxy ihlezi endaweni yesine futhi ifuna ukuhlala embangweni wokuqeda emaqenjini amathathu abaphezulu kwilogi.

Khonamanjalo, iChiefs ibambelele kanzima endaweni yesishiyagalombili futhi idinga ukunqoba ukuze yehlise ingcindezi.

Njengoba lamaqembu womabili ewalangazelela amaphuzu, abalandeli bangalindela umdlalo okuvuthayo.