
AmaZulu azuzile ngabasha, kuncoma uZwane
Abadlali ababili abasha bazokwenza AmaZulu FC abe ngcono ngokusho komqeqeshi u-Arthur “10111” Zwane othi laba badlali bengeza izinga eqenjini lakhe.
Laba badlali ababili basesiswini abasha uLiam Bern noLangelihle Mhlongo bachazwe njengabadlali abasezingeni eliphezulu “abazoqinisa Usuthu ngokushesha”.
UBern (22) usayiniswe ngaphambi kokuthi kuqale isizini, kodwa AmaZulu awakwazanga ukumdlalisa njengoba iCape Town Spurs ibiphikisana nokusayinwa kwakhe mahhala.
I-PSL’s Dispute Resolution Chamber isikuqinisekisile ukuthi AmaZulu angamdlalisa futhi kubhekwe ukuthi angabonakala okokuqala ngoMgqibelo uma sebhekene neSiwelele FC eMoses Mabhida Stadium.
UMhlongo (24) naye ujoyine mahhala ngemuva kokuhlukana neRichards Bay FC ekupheleni kwesizini edlule.
“Bangabadlali abahle, abadlali abasezingeni eliphezulu,” kusho uZwane kwabezindaba eThekwini kuleli sonto.
“Besibafuna ngaphambili, kodwa akwenzekanga ngendlela ebesifuna ngayo. Sijabule nje ukuthi ekugcineni sebefikile.
“Bazokwengeza izinga ngoba banamakhono esiwadingayo – bobabili,” kwengeza le nsizwa eyayingumdlali nomqeqeshi kwiKaizer Chiefs phambilini.
AmaZulu aseqoqe amawini amahlanu, ahlulwa kathathu adlala ngokulingana kathathu emidlalweni yawo yokuqala engu-11 yeligi kule sizini.
UZwane uyavuma ukuthi lesi siqalo asisihle, wabalula amaphuzu aabawalahle emidlalweni obekungafanele bahlulwe kuyo.
Omunye waleyo midlalo ngowokugcina la behlulwe khona besekhaya ngo 1-0 yiPolokwane City ngaphambi kwekhefu leFifa.
“Kunemidlalo lapho besingenza khona kangcono, ikakhulukazi uma sishaye igoli kuqala kodwa sigcine singawinanga,” kusho uZwane.
“Besingakufanele ukuhlulwa ngesikhathi sibhekene nePolokwane ekhaya emdlalweni odlule.”
UZwane ufuna amaphuzu aphelele emidlalweni yabo emithathu yokugcina yonyaka — la bezobhekana khona neSiwelele, iRichards Bay neGolden Arrows — ngaphambi kwekhefu le-Afcon.
“Sifuna ukuwina le midlalo emithathu esele ngaphambi kwekhefu bese sibona ukuthi lokho kusibeka kuphi,” kuqhuba yena.
FUNDA NALA | Kubuye abebelimele kwiChiefs
Njengoba enamaphuzu angu-18 ngemuva kwemidlalo engu-11, akubanga yisiqalo esibi kangako kuMaZulu njengoba ehlezi endaweni yesithupha kwilogi yeBetway Premiership.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
