Carling Knockout CupEzintsha

Imizamo yokubhalisa uNurkovic ngaphambi koweChiefs

ISuperSport United isemizamweni eshubile yokuqinisekisa ukuthi kufika isikhathi somdlalo wayo neKaizer Chiefs uSamir Nurkovic esebhalisiwe kwiPSL. 

UNurkovic kubikwa ukuthi usayine kuleli qembu lasePitori ngoLwesihlanu kanti manje sekusele abahliswe. 

Okwenza kubambezeleke ukubhaliswa kwakhe wukuthi iSuperSport ayisenaso isikhala somdlali wangaphandle manje.

Isivele inabadlali abahlanu bangaphandle – oGhampani Lungu, Eric Mbongoussoum, Terrence Dzvukamanja, Tendamudzimu Matodzi noRonald Pfambuzdai. 

Manje kumele oyedwa kubo avulele uNurkovic isikhala. Lo mgadli usayinwe ukuzovala isikhala sikaBradley Grobler olimele. 

Ngokubuka kweKickOff, imizamo manje ngeyokuthi uLungu – osebe kuleli iminyaka engaphezu kwemihlanu, abhaliswe njengowakuleli. 

Kuthiwa Amatsatsantsa afuna ukugadla ngoNurkovic uma esebhekene neChiefs emdlalweni weCarling Knockout ngo-Okthoba 19. 

UNurkovic udlale kwiChiefs amasizini amathathu, futhi wazakhela igama wagcina eyintandokazi yabalandeli. 

Abaningi abakholwa uma ededelwa. Wabe esesayina kwiRoyal AM, kodwa waxoshwa ngemuva kwezinyanga ezintathu. 

Ube esejoyina iTS Galaxy ngesizini edlule, wafike wakhombisa ukuthi usaliboniswa ipali eshaya amagoli angu-10 emiqhudelwaneni ehlukene. 

Nokho ubuye wangabona ngaso linye nomqeqeshi uSead Ramovic, kwaphetha ngokuthi akhululwe njengoba esekwiSuperSport manje. 

Akungabazeki ukuthi uma egcine ebhalisiwe, uzozithwalisa kanzima izitobha zeChiefs kwazise wahamba engakathandi kuyo.