
OwoSuthu uvuma ukuba nesandla ekuxoshweni kukaMartin
- Intatheli yeLISENETHINI
Abadlali nabo kumele bakwamukele ukuthi babe nesandla ekutheni agcine exoshiwe umqeqeshi waMaZulu FC, uPablo Martin.
Lokhu kuvezwe omunye wabadlali baleli qembu laseThekwini, uRowan Human, othi ibhola lidlalwa yiqembu.
Uthi wonke umuntu oseqenjini kumele akuvume ukuthi ube nesandla emiphumeleni etholwa yiqembu – noma ngabe mihle noma mibi.
“Umbuzo onzima,” kusho uHuman engxoxweni nabe-iDiski Times ebuzwa ngokweqiwa kwakhe yijezi.
“Kodwa ngicabanga ukuthi la engidinga ukuthuthuka khona wukugcina umgqigqo.
“Kumele ngibambe umgqigqo noma ngabe sisejimini noma emdlalweni. Yilokho okumele ngikwenze uma ngithola ithuba.”
UHuman uzothemba ukubuyela eqenjini eliqala imidlalo njengoba sekukhona abaqeqeshi abasha o-Arthur Zwane noVusumuzi Vilakazi abaqeqesha ngokubambisana.
Uthe ukuzabalaza kweqembu ekuqaleni kwesizini akusho ukuthi sekuphelile ngabo kule sizini.
“Umdlalo weqembu, sonke kumele sivume ukuba nesandla uma singanqobanga, yithina esisuke sisenkundleni.
“Kodwa ibhola linjalo ke kwesinye isikhathi. Izinto azisivumanga nhlobo emidlalweni emithathu yokuqala.
“Nokho lokho ngeke kucabe indlela yethu kule sizini, yisikhathi sokuthi sisukume sizithintithe bese sibheka phambili.
“Sizokwenza okusemandleni, isizini iseyinde,” kuchaza lo mdlali ojoyine Usuthu ekuqaleni kwesizini edlule, esuka kwiMaritzburg United.
