
Ingwazi yeChiefs ishaya amakhala ngomthelela kaPaseka Mako
U-Isaac Mabotsa useveze umbono wakhe ngomdlali wasemuva kwesokunxele weKaizer Chiefs uPaseka Mako.
Le ngwazi yaMakhosi ithi uMako wehlulekile ukufeza obekulindelekile kuye ngesikhathi efika esuka kwi-Orlando Pirates.
UPaseka Mako ufike kwiKaizer Chiefs ekuqaleni kwesizini kunethemba lokuthi uzoletha amava nozinzo odongeni lwasemuva.
Nokho usathwale kanzima ukuthola indawo eqenjini kanti usadlale imidlalo engu-11 kuphela kule sizini.
Lo mdlali oneminyaka engu-31 ubudala uphinde waphazanyiswa ukulimala njengoba alimala engalweni esanda kufika eqenjini.
Ekhuluma neKickOff, uMabotsa uvumile ukuthi akakaze ahlabeke umxhwele ngendlela uMako adlale ngayo kuze kube manje.
“Uma ngibheka isimo sakhe njengamanje, angicabangi ukuthi wenze okwanele,” kusho uMabotsa.
“Uma ukhumbula kahle, ekuqaleni kwesizini nguye obeqala imidlalo emuva kwesokunxele.
“Kodwa njengamanje kubonakala sengathi uBradley Cross useyidlile leyo ndawo.”
UMabotsa ukholwa ukuthi ukungasitholi isikhathi somdlalo kukaMako kusho lukhulu ngendlela ithimba labaqeqeshi elimbuka ngayo.
“Angicabangi ukuthi ubahlabe umxhwele abaqeqeshi,” kwengeza yena.
“UPaseka Mako ulethwe kwiKaizer Chiefs ngenxa yesipiliyoni sakhe, kodwa kimina akenzanga okwanele ngoba akadlali.”
