EzintshaKaizer Chiefs

Ufuna basekwe kakhulu abadlali ngemuva kwenduku yePolokwane

UNasreddine Nabi unqume ukugijima aye egunjini lokushintshela ngaphambi kokuyokhuluma nabakamabonakude kulandela ukushaywa yiPolokwane City.

Uthe lokhu ubekwenzela ukuyobaqinisekisa ukuthi akabacasukele futhi usabethemba ukuthi bazozijika izinto. 

IKaizer Chiefs ithole induku ka 2-0 kwiPolokwane emdlalweni weBetway Premiership ngeSonto ntambama. 

“Ngicabanga ukuthi yithi ebesiphethe umdlalo yize besibhekene neqembu eliqinile njengePolokwane,” kusho uNabi.

“IPolokwane yakhe amathuba amathathu kuphela kodwa yiyo enqobile.

“IKaizer Chiefs yakhe amathuba cishe angu-65. Yinkinga yeKaizer Chiefs lena – ukuhlulwa ukushaya amagoli. 

“Angifuni ukulwisa abadlali namuhla. Sizoxoxa kahle kusasa. Ngisabethemba abadlali bami.”

Uthe umsebenzi usemningi, kodwa uyayibona inqubekela phambili okuyinto emnika ithemba ngekusasa.

“Sinekusasa elihle. Nginethemba kimi nethimba lami. Akungakhathazekwa, iChiefs isazobuya. 

“Njengamanje kumele sibaseke kakhulu abadlali. Ungakhohlwa wukuthi sinabadlali abasha abasadinga ukujwayela. 

“Ngasho ngathi lena akuyona isizini esizokwenza izimanga ngayo. Sizocathuza kancane kancane, silokhu sinyuka.”