EzintshaOrlando Pirates

Uxhilwe ukubuzwa ngoMaswanganyi oweBucs

Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJosé Riveiro usechaze ngokungabonakali kukaPatrick Maswanganyi bebhekene ne-Al Ahly.

AmaBhakabhaka adlale ngokulingana ngo 0-0 nompetha base-Afrika e-Orlando Stadium ebigcwele phama ngoMgqibelo ntambama. 

Ngaphambi kokuthi kuqale umdlalo abalandeli bamangele bebona uMaswanganyi engekho eqenjini eliqala umdlalo.

UMonnapule Saleng ubuyele eqenjini, kodwa uMaswanganyi, ongumdlali obalulekile, ushiywe ngaphandle.

Ngemuva komdlalo, uRiveiro uveze ukuthi kube ngenxa yezizathu zempilo. 

Nokho akathandanga ukwanda kakhulu ngokuthi ngabe uyagula noma ulimele lo mdlali obizwa ngelikaTito.

“Ubengatholakali ukuthi aqokwe eqenjini namuhla,” kusho uRiveiro ngesikhathi ebuzwa ngokungabi bikho kukaTito.

“Njengoba ngishilo izikhathi eziningi, angizizwa nginelungelo lokukhuluma ngempilo yomuntu, mhlawumbe ngingakhuluma ngeyami. 

“Kodwa ubengatholakali ukuthi akhethwe abe yingxenye yabangu-20 abazodlala lo mdlalo.

“Angicabangi ukuthi sinesizathu sokuthi – angazi ukuthi ngithini ngaphandle kokunakhela izihloko eziphambili…

“Kodwa ngemuva kwalokhu kudlala ukuhlala lapha sikhulume ngomdlali oyedwa ongadlalanga, kuyangidumaza.

“Ngicabanga ukuthi kufanele sikhulume ngomdlalo odlalwe nguSaleng, uRele, uHotto, nawo wonke umuntu ongene esuka ebhentshini, ngoba benze umsebenzi omuhle kakhulu, bekuwumdlalo omuhle kakhulu.

“Ukukhuluma nganoma ubani obengekho namuhla, ngicabanga ukuthi akusona isikhathi esifanele. 

“Kodwa ukuze nje ngiphendule umbuzo wakho, ubengatholakali ukuthi akhethwe.”