
Ubuyela ebholeni uMbatha obesengumlingisi kuZalo
- Alfred NGUBANE
USiyabonga “Nqaba” Mbatha ukhuza ibuya ebholeni njengoba efunwa amaqembu amabili adlala kwiMotsepe Foundation Championship.
UMbatha uzivumile ngokwakhe ukuthi kukhona amaqembu amabili adlala kulesi sigaba amfunayo.
Kodwa wenqabile ukuwadalula amagama ekhala ngokuthi lokhu kungase kuphazamise izingxoxo eziqhubekayo phakathi kwakhe nalamaqembu.
UMbatha usehlale isizini yonke engadlali ngemuva kokuhlukana neGolden Arrows kodwa ubelokhu ebonakala emdlalweni kamabonakude Uzalo elingisa kuwona.
Lo nozinti wazakhela igama ebholeni lakuleli njengoba aqala ukugqama ebholeni kwiThanda Royal Zulu, wadlulela kuMaZulu ne-Arrows.
Ngesikhathi ekuMaZulu, wadlala kahle kakhulu futhi wake waze wamataniswa ne-Orlando Pirates eyayifuna unozinti ngaleso sikhathi.
UMbatha obuye abe neSiyabonga Mbatha Foundation elekelela kakhulu abafundi ezikoleni zaKwaMashu naseMlazi ngomfaniswano wesikole nokudla.
