
Idonsa amehlo ekaMonnapule Saleng ongekho kwele-Orbit
Kugqame ukungabi khona kukaMonnapule Saleng eqenjini eliqala umdlalo kwi-Orbit College ngoLwesibili ebusuku.
I-Orbit izogadulisana neChippa United emdlalweni weBetway Premiership ekuhambeni ibheke ukujika izinto njengoba ingabanga nesiqalo esihle.
Ukungabi khona kukaMonnapule Saleng eqenjini eliqala umdlalo – akekho nasebhentshini – kuthathe amehlo njengoba ukusanda kusuka umsindo ngaye.
Umqeqeshi we-Orbit, uPogiso Makhoye wakhwela wadilika kulo mdlali, ethi akukho lusizo afike nalo eqenjini lakhe.
USaleng ubolekiswe yi-Orlando Pirates kwiMswenko Boys kulandela ukuthi ebe nezinkinga kuyo eziholele ekutheni angadlali engxenyeni yokugcina yesizini edlule.
I-Orbit yakhipha isimemezelo somphakathi ixolisa kuSaleng ngokwashiwo ngumqeqeshi wayo ngaye.
Nokho iLisenethini yathola futhi yabika ukuthi iPirates isicabanga ukumbuyisa lo mdlali wayo ngaphambi kokuthi kuvalwe iwindi lokudayiselana ngabadlali ngoSepthemba 22.
FUNDA NALA | UFlavio Silva yaqala kwiChiefs
Lokhu kulandela ukuthi izingwazi zeqembu zakhuluma naye, zambonisa ngendlela okumele aziphathe ngayo neyokulungisa izinkinga uma enazo eqenjini.
Njengoba engekho nje eqenjini, kuzothatha amehlo ukuthi yisiphi isizathu salokho – kungenzeka useshiyile kuleli qembu.
