EzintshaKaizer Chiefs

BUKA: Ividiyo ephendule uGeorge Matlou weChiefs ihlaya

UGeorge Matlou usephinde waba sematheni — kodwa hhayi ngokudlala kwakhe enkundleni.

Lo mdlali wasesiswini weKaizer Chiefs uphenduke undabamlonyeni ngemuva kokuvela kwevidiyo emveza esiza ukusika utshani eNaturena.

Lesi siqeshana, esisatshalaliswe isilomo kwi-X, uChris Excel, sisabalale ngokushesha, saqubula nemibono ehlukene kubalandeli.

Abanye abalandeli bancome uGeorge Matlou ngokuzithoba ngokusiza kwakhe le nsizwa egunda utshani.

Abanye nokho basiphendule ihlaya lesi senzo sakhe, bathi vele awukho omunye umsebenzi awuhlalele eNaturena ngakho akasize khona ekusikeni utshani.

Akukhona okokuqala lo mdlali wasesiswini ohlushwa wukulimala unokuchitha isikhathi esiningi egunjini lokwelashwa kunasenkundleni.

Akaqali ke ukuba semehlweni abantu ngezinto ezixakile azenza phambi kwamakhamera.

Ngonyaka odlule, wadonsa amehlo ngemuva kokugubha ukunqoba iNedbank Cup ngokuthi aveze ukuthi ulale egqoke ijezi leqembu ngemuva komdlalo wamanqamu. 

UGeorge Matlou uphinde waba sematheni ngokulingisa futhi kamuva washayela ucingo u-Amale Mukoko we-St Eloi Lupopo.

Lokhu wakwenza ngemuva kokuthi uMukoko ayephenduke isitha esikhulu sabalandeli bePirates ngakwenza bewashisa leli qembu ijezi kwiCAF Champions League.

Nokho inqubekela phambili kGeorge Matlou enkundleni iphazanyiswe ukulimala okumxakile selokhu efike kwiChiefs, okunciphise umthelela wakhe eqenjini. 

Kodwa-ke, ukuziphatha kwakhe nemigilingwane yangaphandle kwenkundla kuyaqhubeka nokumgcina esemehlweni omphakathi.

Zibukele nawe le vidiyo ngezansi: