
Osaziwayo baseSouth Korea bagadle kumqeqeshi ehlulwa yiBafana!
Ukuhlulwa kwe-South Korea yi-Bafana Bafana kwiNdebe yoMhlaba sekudale umsindo omkhulu kuleliya lizwe.
Sekuze kwangenelela nosaziwayo kwinkulumompikiswano eshubile, begadla kabuhlungu kumqeqeshi uHong Myung-bo.
Umlingisi odumile waseSouth Korea, uHan Jeong-soo, uthe umqeqeshi kufanele aphucwe nomholo wakhe ngenxa yokwehluleka kweqembu ukuhlula iBafana emdlalweni obaluleke kangaka.
“Ngithukuthele kakhulu. Uhlanganise abadlali abahamba phambili kodwa badlala umdlalo omubi kunayo yonke engake ngayibona,” kubhala uHan ezinkundleni zokuxhumana.
Akagcinanga lapho, waphinde wasola umqeqeshi ngokubambelela kulo msebenzi ngenxa yemali hhayi ngoba enothando lwalo msebenzi.
“Kufanele awuphucwe umholo wakhe. Kubukeka sengathi ubambelele kulesi sikhundla ngenxa yemali kuphela.
“Lokhu kubuhlungu ukwedlula ezombusazwe. Lona kube ngumdlalo omubi kunayo yonke kwiNdebe yoMhlaba,” kuqhuba lo saziwayo.
UHan uphinde wagxeka indlela iqembu ebelihlelwe ngayo, ethi umqeqeshi ubengenalo nhlobo isu lokuwina futhi wagcina esola abadlali bakhe.
“Beingekho isu lokudlala, ukukhethwa kwabadlali bekungenangqondo, waze wagcina esola bona abadlali.
“Usikhombise ukuthi umholi omubi ubukeka kanjani. Sengize ngingasafuni nokubuka ibhola.”
Nomculi odumile weqembu iHighlight, uYoon Doo-joon, naye uveze ukudumala kwakhe ngesikhathi ebuka umdlalo bukhoma kuYouTube.
“Angikukholwa lokhu. Ngabe ngiyaphupha? Kuningi engifuna ukukusho kodwa kungcono ngithule ngoba ngingase ngikhulume into engizoyisola.
“Sengibuke imidlalo yeqembu lesizwe kusukela ngineminyaka emihlanu kodwa angikaze ngilibone likulesi simo,” kusho yena.
Ukuhlulwa ngo 1-0 yiBafana Bafana sekudale nesivunguvungu ezinkundleni zokuxhumana eSouth Korea.
- FUNDA NALA | UWilliams uhlonza ikusasa elihle kwiBafana
Abalandeli begxeka indlela iqembu elidlale ngayo, bethi alizange lisebenzise amandla abadlali balo futhi alibonisanga zinguquko zamasu ngesikhathi somdlalo.
Nakuba bekhona abacela abantu ukuthi behlise umoya, abaningi bakholwa ukuthi ukuhlulwa yi-Bafana Bafana kuyihlazo elibi kwi-South Korea.
- EZISHISAYO|Â Cofa lapha usithole kuWhatsApp
