Bafana BafanaEzintshaIndebe yoMhlaba

Okwenza uWilliams ‘asabe’ ngekusasa leBafana 

Ukaputeni weBafana Bafana, uRonwen Williams, uhlulekile ukufihla injabulo yakhe ngemuva kokuthi beqophe umlando ngokudlulela esigabeni somkhumulajezi kwiNdebe yoMhlaba okokuqala ngqa.

Lo nozinti weMamelodi Sundowns uswele amazwi ngemuva kokuba iBafana ihlule iSouth Korea ngo 1-0 ngoLwesine ekuseni.

Lo mphumela uqinisekise indawo yayo kwiRound of 32 lapho izobhekana khona neCanada ngeSonto.

U-Ronwen Williams uthe le mpumelelo imnandi kakhulu ngoba ifike ngesikhathi abaningi sebebalahle ithemba futhi bengasakholelwa kubo.

“Kuyamangalisa. Ngiphelelwe amazwi. Angazi nokuthi ngingathini,” kusho uWilliams. 

“Angicabangi ukuthi likhona igama elingcono elingachaza lokhu ngaphandle kokuthi ngiyaziqhenya. 

“Ngiyaziqhenya kakhulu. Ngijabule ngendlela emangalisayo ngenxa yakho konke esidlule kukho. 

“Ukungabaza kwabantu, abagxeki nengcindezi ebesiphila ngaphansi kwayo.”

Lo nozinti oneminyaka engu-34 uthe indlela iBafana evale ngayo emuva ibonise ubuqotho namandla aleli qembu.

“Ukudlala kuleli zinga akulula. Ukungangenelwa goli sibhekene neqembu elinamandla kangaka,” kusho lo nozinti.

“Sidlale ngendlela esidlale ngayo futhi sivale ngendlela esivale ngayo emuva, kukhombisa ubuqotho baleli qembu.”

U-Ronwen Williams uphinde wababaza ikusasa lebhola laseNingizimu Afrika, ethi abadlali abasebancane abakuleli qembu bazokwenza izimanga eminyakeni ezayo.

“Besingaphansi kwengcindezi enkulu kodwa sahlala siqinile,” kuqhuba yena. 

“Ubuqotho nokuqina komqondo kuleli qembu kuyamangaza. Mina ngiyasaba ngekusasa leNingizimu Afrika.

“Laba bafana baneminyaka engu-19, 20 no-21 kuphela kodwa sebedlala kuleli zinga. 

“Ulwazi abalutholayo luzosiza izwe lethu kakhulu. Ngijabule futhi ngiyaziqhenya ngokuba umholi waleli qembu.”

Ngemuva kokuqopha umlando, iBafana manje isibheke ukuqhubeka nohambo lwayo oluyisimanga lapho isizobhekana khona neCanada emdlalweni womkhumulajezi ngeSonto.