EzintshaFifa Club World Cup

Abaphathi be-Al Ahly nesinqumo ngoJose Riveiro

Abalandeli abazange bakufihle ukungajabuli kwabo. Kanti nezinkakha zeqembu ziveze ukungayiboni kahle indlela yakhe neqembu. 

Kodwa manje sekuvele ukuthi abaphathi bekilabhu bona sebethathe isinqumo esingujuqu ngekusasa likaJose Riveiro. 

Lezi ziqhwaga zase-Egypt zishaywe yiPalmeiras ngo 1-0 emdlalweni wazo wesibili kwiClub World Cup.

Bekungokokuqala ehlulwa lo mqeqeshi waseSpain selokhu ethathe izintambo kwi-Al Ahly ekuqaleni kwenyanga.

UJose Riveiro ubhekane nokugxekwa okunzima kusukela lo mqhudelwano ose-US uqalile, abalandeli beboba iqembu lenza kancane. 

Kodwa abaphathi bekilabhu bona kuvela ukuthi abakakhathazeki nakancane futhi abanaso isifiso sokuxosha umqeqeshi okwamanje.

Isizindalwazi esithenjwayo sebhola lase-Egypt, iKooora.com ibika ukuthi abaphathi bayakuqonda ukukhungatheka kwabalandeli ngemuva kokuhlulwa ngoLwesine.

Kodwa bathathe isinqumo sokuthi bazobambelela kule nsizwa ebingumqeqeshi we-Orlando Pirates.

“URiveiro uzoqhubeka esikhundleni sakhe futhi ngeke ahambe,” kucashunwe umthombo usho kanje.

“I-Al-Ahly inenkontileka nomqeqeshi ngenhloso yokuthuthukisa indlela iqembu elidlala ngayo.

“Futhi akunangqondo uku,ehlulela ngemuva kokudlala imidlalo emibili nje kuphela esemthethweni.

“Abaphathi beqembu bayayiqonda intukuthelo yabalandeli ngokuhlulwa yiPalmeiras, kodwa umqeqeshi usebenza kanzima futhi ukhuthele.

“Kuwo wonke umlando wayo, abaphathi be-Al-Ahly abakaze bahlulle umqeqeshi ngesikhathi esincane. 

“Bavamise ukubheka ukusebenza kwakhe ngemuva kwesizini egcwele,” kwengeza umthombo.

Uphakamise ukuthi uJose Riveiro uzoqhubeka ngale kweClub World Cup yize abanye sebebona sengathi ngeke ayiqale kwasizini ezayo ne-Al Ahly.