Ezintsha

UMngqithi udalula okumhehele kwiYoung Africans

Umqeqeshi omusha we-Young Africans yaseTanzania, u-Manqoba Mngqithi, usechazile ukuthi yini emenze wamukela lo msebenzi.

Uthathe lo msebenzi ngemuva kokushiya kwakhe kwiGolden Arrows kungazelele muntu njengoba ebeseyiphendule iqembu elihloniphekile.

IYoung Africans imemezele ukuqashwa kukaMngqithi ngoLwesihlanu ebusuku, waqala ngokukhombisa injabulo yakhe ngalesi sahluko esisha.

Ekhuluma kwiSABC Sport, lapho engumhlaziyi khona wemidlali yeNdebe yoMhlaba, uMngqithi ubuzwe ngomsebenzi wakhe omusha ngesikhathi kuhlaziywa umdlalo weBelgium neSpain.

Ngaphambi kwalokho, ubephonselwe inselelo yokuthi angacabanga yini ukuqasha owayengunozinti weKaizer Chiefs, u-Itumeleng Khune, njengomqeqeshi wonozinti.

Ehleka, uMngqithi uthe: “Cha, lo uzohlale eyingwazi yeKaizer Chiefs. Ngicabanga ukuthi amadlozi awafuni ahlukane neKaizer Chiefs.”

Ngemuva kwalokho u-Manqoba Mngqithi uchaze ukuthi okunye okumhehele kwi-Young Africans wukubuyela kwiCaf Champions League.

“Bengifuna ukubuyela kwiCaf Champions League ngibone ukuthi yini engingayifeza,” kusho uMngqithi.

“Bengifuna ukusebenza neqembu elinesifiso sokunqoba, elizimisele ukuqinisa isikwati ukuze lifinyelele izinhloso zalo. 

“Indlela elihleleke ngayo ngobungcweti balo yikho okungikhuthazile nakakhulu.”

U-Manqoba Mngqithi uthe unethemba lokusiza i-Young Africans iqhudelane ngempumelelo kwiCaf Champions League futhi imele kahle ibhola lase-East Africa.